Kusukela evesini elifishane ngaloludaba (ekaJakobe4:7), kuya emigomweni yonke esingayilandela ngempi kamoya (Efesu 6), iBhayibheli lisinikeza konke okufanele sikwazi ngamandla obumnyama alempilo esingawazi. Izinkolo eziningi zinikeza izincazelo eziningi ngamandla obumnyama asezweni likamoya, kodwa lokho bakwenza ngokungazi futhi abanamandla (Juda 1:8-16). Njengabazalwane sinesambulo sikaNkulunkulu ngamandla obumnyama. Akasitshelanga konke, kodwa usilungiselele ngokuphelele. Uma sifunda imigomo yakhe ekufanele siyilandele uma silwa impi kamoya, sizokwazi konke okufanele sikwazi, sizoma siqine singadingi lutho.

Kwabase-Efesu 6:10-20 imigomo efanele ukulandelwa empini kaMoya. Amavesi amabili okuqala anjengesingeniso esisitshela ukuthi yini okufanele siyenze, siyizuze futhi siyiqonde.

Kuqala umyalo, ositshela okufanele sikwenze uma sibhekene noSathane, namademoni nanoma imuphi umoya omubi. “Hlomani izikhali zikaNkulunkulu.” Izikhali zizochazwa kamuva, kodwa okufanele sikuqiniseke ukuthi konke esikwenzayo empini kamoya ilokhu esikutshelwe nguNkulunkulu. Izikhali zikaNkulunkulu kuphela ezisebenzayo.

Emva kwalokho sinikezwa injongo, lokhu esizokuzuza uma silalela lomyalo. “Ukuze nikwazi ukumelana namaqhinga kaSathane”. Lokhu kuyisiqiniseko! Yenza lokhu uNkulunkulu akuyala ngakho “hloma izikhali zikaNkulunkulu” kuzosebenza! Uzokwazi ukukwenza. Ungakwazi ukumelana ngisho namaqhinga kaSathane. Ukubaluleka “kokuma” sizokuchaza kamuva, kodwa okwamanje isiqiniseko esinaso ngesokuthi izikhali zikaNkulunkulu zizosebenza.

Emva kwalokho u vesi 12 wonke usinikeza isizathu sempi kamoya, ukuthi ibaluleke ngani empilweni yobuKristu. “ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini”. Impi kamoya ibalulekile kubo bonke abazalwane ukuze bakwazi ukuma baqine kulelizwe. Kungoba kunamandla obumnyama asebenzayo. Angangaba kwindawo lapho ebonakala khona, abonwe nangezobuchwepheshe, kodwa nakuba kunjalo akhona.

Ubukhona bamandla obumnyama obenza sidinge izwi likaNkulunkulu kuloludaba. Kungokuthobela imiyalo kaNkulunkulu ephathelene nesisombululo Sakhe ukuba njengaBazalwane singakwazi ukuma siqine ngesibindi empini kamoya ebhekene nezindlela zamademoni.

Khumbula lemigomo ingukhiye, asidingi kwenezela lutho, asidingi kususa lutho. Izikhali zichazwe ngokusobala (Kwabase-Efesu 6:13-17). Iba nguchwepheshe ekuzisebenziseni. izindlela zokunqoba ezichazwe kabanzi kuvesi 18-20 nangendlela esingazisebenzisa ngayo naleyo uPawulu azisebenzise ngayo. Maqondana nempi kamoya, yazi imigomo ekufanele uyilandele!