Kwizikhathi zokukhathazeka lapho kufika khona inqwaba yemibuzo engapheli emiqondweni yethu, okutholakala ukuthi ayikho impendulo esobala, uMbhalo wona uhlezi unempendulo eqinisekile. Kuba yimpendulo engaphezulu kwazozonke izimpendulo esizifisayo kulesosimo esibhekene naso, kuba yimpendulo eletha ukuthula nendlela yokusibona kahle isimo, ngisho kuthiwa zonke ezinye izimpendulo zingebe zisavela.
Esinye sezambulo esicace ngokusobala saloluhlobo lwempendulo silapha kuJobe 42:1-6. Nasi isifundo esifushane esifingqiwe esithathelwa kulamavesi esinikezela lempendulo engenakuguquka kuyona yonke imibuzo engaphendulekile empilweni.
Ukuvuma nokuphenduka kukaJobe ekugcineni kuyenzeka. Namanje wayengakazi ukuthi kungani abhekana nokuhlupheka okunzima kangaka, kodwa wayengasakhonondi, engasalokhu ebuza, engasaphosi inselelo kukuhlakanipha nobulungiswa bukaNkulunkulu. Isisindo sobukhulu bukaNkulunkulu sabasikhulu phezu kwakhe ngendlela yokuthi uJobe wathotshiswa ngokuphelele, ngendlela yokuthi kuphela nje ayengakwenza ukuphenduka kwindelelo ayekade esebe nayo. Ngaphandle kwazo zonke izimpendulo zemibuzo yakhe, uJobe wehla ngokuthobekile wazithoba phambi koMdali wakhe wavuma ukuba uNkulunkulu uyabusa phezu kwezimo zonke ( bheka ku. IZaya 14:24; 46:8-11). Okubaluleke kakhulu maqondana nomyalezo wencwadi kaJobe, uJobe wayesasezinhlungwini sokugula kwakhe, wayesashonelwe ngabantwana bakhe, nempahla yakhe ingekho, akukho uNkulunkulu ayesakushintshile ( ngaphandle kokushintshwa kwenhliziyo yencuku yakhe, uJobe). USathane wanikezelwa ubufakazi bokuthi uphambukile ngokuphelele kwizinsolo ayezibeka uJobe, nasekucabangeni ukuthi angabhubhisa ukholo olusindisayo; Abangani bakaJobe nabo babephambukile ngokuphelele kwizinsolo ababezibeke uJobe; kodwa okuyikona okusemqoka ngokudlulele, uJobe uqobolwakhe wayephambukile ngokuphelele kwizinsolo ayezibhekise kuNkulunkulu. Wakudalula ukuzisola kwakhe okudabukisayo ukuthi akagcinanga nje kuphela ngokwamukela intando kaNkulunkulu eqhutshwa ukukhononda nemibuzo okungenakho ukuqonda. John MacArthur, The MacArthur Study Bible, Jobe 42: 1-6
Singangaba nazozonke izimpendulo, kodwa singaphumula ekubeni nemibuzo, ukungabaza, nokwesaba bese sihlala ngokwazi ukuthi ubukhulu bukaNkulunkulu banele.