Lapho kufika izinkinga sivamile ukuba sichezuke endleleni yokuthembeka siwele eweni lokulahlekelwa yithemba, sikhale kuNkulunkulu sicele usizo bese singenzi lutho ngesibhekene nakho, noma siwele eweni lokugijimela kwizindlela zokusebenza singazange sacabangisisa, sivele siqhubekele phambili nokuzama ukuxazulula izinkinga ngaphandle komcabango otheni wokwethemba uNkulunkulu.

UNehemiya wabhekana nezinkinga emsebenzini wakhe. Kwabakhona izingqinamba okwakumele azinqobe, kukhona nomdonsiswano ngokumele kwenziwe owawukuye, nokuba nemizwa yokungabi nandaba nesimo konke lokhu kukuye emelwe ukuba abhekane nakho, kukhona nababemelene naye okwakumele abhekane nabo futhi. Kwakungesikhathi esinye salabo ababemelene naye lapho khona uNehemiya esivezela kancane ukuthi kwakuyimuphi umkhuba ayenawo ngezikhathi zezinkinga:

Sakhuleka kuNkulunkulu wethu, sabeka abaqaphi…

UNehemiya 4:9

Sakhuleka, sase sakha icebo sasesiqhubekela phambili necebo! Lokhu kwafana nakweminye iminyaka engaphambili empilweni yakhe lapho inkosi yamubuza umbuzo:

Ngasengikhuleka kuNkulunkulu wezulu. Ngathi enkosini…

UNehemiya 2:4-5

Lapho ubhekene nezinkinga, kungabe yinto evele yenzeka kungalindelekile noma yinto ebekuloke kusolakala vele ukuba ingenzeka, ungadikibali bese wenza umkhuleko ongeke ulandelwe izenzo, kodwa futhi, ungavele uphokophelele phambili ngaphandle ngisho komcabango ngoNkulunkulu.

Thandaza, bese uphokophelela phambili. Thulula inhliziyo yakho eNkosini, bese uyasukuma ubheke ukuba yini okumele yenziwe, bese uyayenza!

Khuleka, bese uphokophelela phambili!