Isenzo sokwenza izinto zibelula ukuziqonda noma ukuzizwa sihle. Siyababonga abafundisi abakwazi ukwenza kubelula ukuzwa isifundiso esinzima. Sifunda lukhulu kubefundisi abakwazi ukuchaza izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu ezinkulu bazenze zibelula. Sidinga ukuthi kuvame ukuba khona kokukhunjuzwa ngezinto eziyisisekelo sokuphila impilo yobukhrestu
Omunye wake wabeka inkulumo njengehlaya wathi kwathi uPawuli efuna ukuchaza iVangeli ngendlela elula, wabhala incwadi kwabaseRoma. Yize noma lencwadi ngokuqinisekile ibeke ngokucacile ngokulunga kukaNkulunkulu nokuthi kutholakala kanjani ngoKhristu, kodwa incwadi kwabaseRoma ayisilo ihumusho elisobala leVangeli. Kodwa noma kunjalo, kwabaseRoma 12, uPawuli unikezelile ngomhlahlandlela othanda ukubalula ngokuphila impilo yobukhrestu.
NgokwabaseRoma 12, izinto eziyisisekelo sokuphila impilo yobukhrestu ukwenza lokhu:
- Nikela ngoqobolwakho lonke ekukhonzeni uNkulunkulu (1)
- Phila ngendlela uNkulunkulu afuna uphila ngayo, ungabe usaphila njengelelizwe (2)
- Cabangisisa kahle ngokuthi yikuphi lapho ungakhonza khona abazalwane nokuthi ungabakhonza kanjani (3-8)
- Thanda ngenhliziyo emhlophe ( 9-10)
- Khonza abazalwane ngendlela efanele ( 11-15)
- Yiba yilowo owenza ukuthula ( 16-18)
- Yenza okuhle, hhayi okubi ( 19-21)
Impilo inezinto eziningi ezilindelekile kithina, kodwa incwadi kwabaseRoma 12 ikhonela ukusigcina sihamba endleleni kukona konke. Kungalendlela ubufakazi bethu buzogqama nokukhonza kwethu uNkulunkulu kube okulungile