Izinto eziningi ezibalulekile ziyadinga ukuba kubhekanwe nazo namhlanje. Izinto eziqondeni nempilo yakho, imigomo kahulumeni, izinqumo kwezezimali, umsebenzi ekumele wenziwe emshadweni, amathuba okuba umzali, nenqwaba yezinye izinto ezibalulekile ekudinga ukuba kubhekanwe nazo namhlanje. Kodwa ngisho nezinto ezibalulekile empilweni azilingani ngokufanayo. Ezinye ngokusobala zibalulekile ukudlula ezinye. Ngokuswelakala kwezinsiza kungenzeka ukuthi ngisho nezinto ezibalulekile zingcine zingenziwanga ngenxa yezinto ezibaluleke kakhulu.
Ngaphambi kokuba uqhubekele phambili kwenye into ebalulekile yosuku lwakho, cabangisisa, ngaphandle kwempikiswano, ukuthi iyiphi ebaluleke kakhulu.
Ngokuba nganinika lokho okubalulekileyo kakhulu engakwamukela nami ukuthi uKhristu wafa ngenxa yezono zethu, njengokwemibhalo, nokuthi wambelwa, wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo
kwabaseKhorinte 15:3-4
Usuke wawubeka umqondo wakho kulokho okubalulekileyo kakhulu? Mzalwane, ngalesikhumbuzo sokuthi izono zakho zixolelwe nguKhristu, ukuthi akusekho ukulahlwa kuwe , kuye uKhristu, nokuthi uhamba njengesidalwa esisha kuKhristu, hamba, uyobhekana nazozonke izidingo ezibalulekile, nalapho futhi wenze njengokusho kweMibhalo!