Lokhu kubuthelwa ndawonye kwaMahubo ayi-150 kuqala ngendaba yabantu ababili. Labantu ababili baphila kwizikhathi zezizukulwane zonke, kumazwe wonke, emadolobheni wonke, ezindaweni zonke zabantu. Ngamunye wabo unezindlela zakhe zokuphila empilweni yakhe, bese ngamunye babe nesabelo sabo empilweni yabo. Mhlawumbe nawe ulangazelele isabelo soyedwa wabo, kodwa ngandlela thize uphelele kwizindlela zomunye. Kungakho leliHubo kuyilo eliqala leliqoqo lamaculo aphathelene nempilo yalabo abakholwayo.
IHubo 1 ungalifunda uliqede emzuzwini owodwa noma emibili, lifundeka kamnandi ngendlela eyenza ukuthi ukukwazi ukulikhumbula ungasalibuki phansi kubelula. Likhuluma ngabantu ababili; ngakube wena uyimuphi?
Izindlela zomuntu wokuqala zizimelele ekukholweni ngesiqiniseko kwiqiniso elithembekile
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi, ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo, kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.
Amahubo 1:1-2
Isabelo sakhe empilweni siyahaleleka
Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo, esimaqabunga aso angabuni. Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Amahubo 1:3
Umuntu wesibili indlela yakhe ayinalo iqiniso elingagqamiswa elithembekile , futhi waziwa ngesimilo sakhe esingesihle. Yena noquqaba oluhamba emkhondweni wakhe baziwa ngokuthi “ababi”, isabelo sakhe empilweni yilesi esijwayelekile.
Kepha abanjalo ababi, kodwa bafana namakhoba apheshulwa ngumoya. Ngakho-ke ababi abanakuma ngosuku lokwehlulelwa, nezoni, ebandleni labalungileyo.
Amahubo 1:4-5
Lendatshana yalabantu ababili yindaba ebukeka inokudida isikhathi esiningi. Bancane kakhulu abanendaba yokukubheka bakuhlolisise lokhu ezimpelweni zabo nezalabo abasondele kubo. Ukuba nozinzo kwempilo yalowo obusisekile akuvamile ukuthi kunakisiswe, bese kuthi isabelo salowo omubi sidudulelwa eceleni singanakwa, sidudulwa yizinto ezingafanelwe ukwenziwa kodwa inhliziyo yakhe ezithokozelayo. Kodwa lendida ekulendaba ayiyenzi lendaba yalabantu ingabi ngebalulekile…
Ngokuba uSimakade uyayazi indlela yabalungileyo, kepha indlela yababi iyakubhujiswa.
Amahubo 1:6
Ngakube wena ungomuphi kulaba ababili?