Umuntu oyisithombe esihle sothando lwaMakrestu kwibandla lakwiTestamente Elisha indoda igama layo uGayu. Incwadi ka 3 kaJohane 1:6 ithi wayethanda amanye Amakrestu “ngendlela eyamukelekile kuNkulunkulu”!

Ngisho uMbusi waseRoma ithimba lakhe  lalingeke lamphatha kahle ngalendlela Amakrestu ayephathwa kahle ngayo uGayu. Wayebaphatha engathi uJesu Khristu uQobolwakhe, lokhu kukhumbuzisa lokho okwakhunywa nguJesu esasemhlabeni, angithi? ““INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’ (ngokukaMathewu 25:40)

Uthando loBukrestu ngandlela thize lumele luchichime. Lapho Amakrestu,  ethumelelana ngenqwaba yemiyalezo, evakashelana nokukhulekelana ngezikhathi zezingqinamba noma izibusiso, ekwenza lokhu ngobuningi bakho, lapho-ke umhlaba uyaqala uqaphele. Laphi Amakrestu ebuyisela eceleni isikhathi sawo sasebusuku sokuphumula phakathi nesonto  ukuyokhonza namanye kwisifundo seBhayibheli noma imiGqibelo ukuyosizana ngokuthuthisana, lapho izwe liyawuqaphela lowomehluko. Lapho Amakrestu ebuyisela eceleni lokho okuthandwa yiwo ngenxa yeQiniso bese ezwana lapho kade kunokuningi obekungabanga uqhekeko, lapho nezwe liyavuma ukuthi impela kunento ekumele ishiwo ngomsebenzi kaNkulunkulu empilweni yakho. Lapho Amakrestu enyathelana amakhona, bese exolelana, laphoke izwe likhexisa imilomo ngenxa yokumangala.

Lapho thina njengaMakrestu sithandana njengalokhu kufanele, laphoke uthando olungapheli uNkulunkulu analo ngathi luyapheleliswa kithina ngoba uthando lwethu lungubufakazi bokuphenduka kweqiniso, kanye nobezipho zomusa zemihla ngemihla ezisipha ukukwazi ukuqhubeka ngamandla siphambane nomuzwa wethu ogcwele ukona.

Uma sithandana ngalendlela ephelelisiwe nechichimayo, laphoke ukuphelela kothando lukaNkulunkulu analo ngathi lubonwa nayizwe bese lithola isithombe sokuthi uNkulunkulu, ongenakubonwa, unjani.

Ngalokho bonke abantu bayakukwazi ukuthi ningabafundi bami uma nithandana.”

ngokukaJohane 13:35