“Intshumayelo yasentabeni” iqala ngohlu olunikezela incazelo yalabo abayizakhumizi zaseZulwini. Izici nenzuzo yezakhamizi embusweni kaNkulunkulu kuhlaba umxhwele impela.
Inzuzo yeZakhamuzi zaseZulwini
Abazona nje izakhamizi zezwe elibuswa yintando yeningi, kodwa bangabanikazi ngokuhlanganyela bombuso othile ( ngokukaMathewu 5:3). Bathola induduzo kuzona zonke izinto ezisenza sikhale (ngokukaMathewu 5:4). Izibonelelo zikahulumeni wabo zifakaphakathi nomhlaba wonke ( ngokukaMathewu 5:5). Bagculisekile maqondana nezindingo ezibalulekile (ngokukaMathewu 5:6). Bathola inzuzo emseni ezimweni zonke ( ngokuakMathewu 5:7). Bathola nethuba lokubona uNkulunkulu ngokwendlela Ayiyo ngempela (ngokukaMathewu 5:8). Bathola igama lomndeni kaNkulunkulu nawo wonke amalungelo ekhethelo ahambelana nalokho ( ngokukaMathewu 5:9). Uma kuwukuthi awuqaphelanga okushiwo kumusho wokuqala, bangabanikazi ngokuhlanganyela bombuso ( ngokukaMathewu 5:10)
Uhlobo lweSakhamuzi zaseZulwini
Uhlobo lwabantu abayizakhamizi zaseZulwini lisezingini elihle ngokufanayo nelenzuzo. Awucabange nje uphakathi kwabantu abakanje, nawe qobo lwakho unjengabo: abathembele kuNkulunkulu, abangazenzisi ( ngokukaMathewu 5:3) abadatshukiswa yisono, abangathokozi ngaso (ngokukaMathewu 5:4), abathobekile futhi abahluzile nasengqondweni, abangazikhukhumezi futhi abangekho budedengu ( ngokukaMathewu 5:5), bashisekele ukwenza lokho okufanele, abazenzisi ngokulunga ( ngokukaMathewu 5:6), bayeshesha ukukhombisa umusa, abasibo abantu abathanda ukuziphinidiselela ( ngokukaMathewu 5:7), baqotho, abanakho ukukhohlakela ( ngokukaMathewu 5:8), bayakwazi ukwenza uxolo, abanakho ukuqophisana ngamazwi ( ngokukaMathewu 5:9), bayakwazi ngisho nokubekezelela ububi obudlulele, abekho ntekenteke futhi abasibo abangathembekile ( ngokukaMathewu 5:10).
Yiloluhlu lwezici nenzuzo yezakhamizi eMbusweni kaNkulunkulu oluzokwenza ukubuya nokubusa kukaJesu kuhle kakhulu. Yilokhu futhi esithola ithuba lokuba yikho okwamanje, yize noma singakabusi noJesu eMbusweni Wakhe, siyizona izakhamizi. Yiba ngokufanele ukuthuthela komunye umbuso,futhi yazisa wonke umuntu ngalokho!