Umfundisi isihloko somsebenzi kunokuba yigama elisho isikhundla. Lichaza umuntu ophatha labo abangaphansi
kokunakekela kwakhe njengomelusi kwizimvu zakhe. Kodwa, njengalokhu kukhona
umelusi wezimvu omubi nomuhle, kanjalo kukhona abantu abangabefundisi ababi nabahle.
UHezekiya 34 usitshela ngohlobo olubili lwabefundisi usebenzisa isithombe
sokuba umelusi. Ukukhathazeka komprofethi akukho ngezimvu, kodwa ngabantu.
Uhlobo olulodwa lomfundisi yilowo onakekela izidingo zakhe zenyama ngaphezulu kokuba enakekela izidingo zikamoya
zalabo abanikezelwe ngaphansi kobuholi bakhe ( Hezekiya 34:2-3). Unendaba kakhulu
ekukhangiseni esidlangalaleni ngobuhle bakhe kunokuba enendaba nalabo abanezidingo
zokoqobo zikamoya zokuqiniswa, ukuphila, ukuqondisa abahamba emaphutheni,
nokusiza ukubuyisela esimweni esifanele abanye (Hezekeli 34:4). Ngaleyondlela,
kunamakholwa oqobo angenayo indlela eyisiqondiso, ukuvikeleka, umsoco
ngokukamoya (Hezekeli 34:5-6).
Olunye uhlobo lomfundisi yilowo othanda abantu—ngendlela yokuthi uyaphuma
yena qobolwakhe ayobabheka (Hezekeli 34:11-12). Unamaqiniso kamoya amaningi nendlela
eqotho yokuwafundisa kulabo abawadingayo kakhulu ( Hezekeli 34:13-14). Ungumfundisi
okwaziyo ukuletha ukuphumula kulabo abakubhekayo, futhi ubhekana nomuntu
ngamunye ngangokwezidingo zakhe zikamoya ( Hezekeli 34:15-16).
Loluhlobo lokuqala lomfundisi lubi futhi lizokwahlulelwa nguNkulunkulu. Loluhlobo
lwesibili lomfundisi yilolo oludlulisela ukunakekela kukaNkulunkulu kubangcwele
bakaNkulunkulu ngokusebenzisa ukubakhonza kwakhe kokuba ngumfundisi.
Njengalokho abantu besikhathi sikaHezekeli kwafanela ukuba babhekisise
phakathi kohlobo lobuholi bukamoya oluzobahola eminyakeni eyayizolandela, kanjalo
nathi njengamakrestu sidinga ukubhekisisa phakathi kohlobo lwabafundisi
esihlangabezana nazo. Bathande abefundisi abalingisa uKhristu emsebenzini wabo;
dlalela kunde nabefundisi abenza umsebenzi wokukhonzisa ngendlela yabo
nangokwezinhloso zabo.