Nazi Izimpawu Ezinhlanu Zenhlanganyelo Enenhloso ekufanele thina sonke njengaMakrestu siyihluphekele.

Okokuqala, zijwayeze ukwenza kwabanye lokho okuhle okushiwo uMbhalo. Bheka wonke amavesi kwiTestamente Elisha lapho kuyaliwe khona ukwenza okuhle komunye umzalwane, bese yqale uwalalele ngokuwathobela. Bese, ugqugquzela nabanye ukwenza kanjanlo. Uma kukhona okwenza kangcono lokhu kunawe, lapho ke mujoyine ekwenzeni lokho akwenzayo! Zijwayeze ukwenza kwabanye lokho okuhle, bese nawe uzimisele ukukwamukela lokho okuhle uma sekwenziwa kuwe.

Okwesibili, hlela indlela ozochitha ngayo isikhathi sakho esontweni. Abadala bebandla bazokunakekela ukuthi kuzoculwani, kuzofundwa nini, nokunye okukanjalo, ungazikhathazi ngalokho. Kodwa, hlela indlela ozochitha ngayo isikhathi sakho esontweni. ngoMgqibelo, ngesikhathi sesidlo sasebusuku, nquma ukuthi uzofika ngasikhathisini, uzokhuluma nobani, uzohlala kuphi, uzohamba nini.

Okwesithathu, lungisa ubudlelwano obuphukile onabo ebandleni. Vuma izono zakho, xolela njegoba noKhristu akuxolela, bese niyabuyisana. Hamba uyofunda incwadi kaFilimoni ukuthi ungakwenza kanjani lokho. Injongo yakho akube ukwenza okufuze okukaKhristu, kuqale lokho kubantu basebandleni abakonile, noma okungenzeka ubonile.

Okwesine, yiba kakhulu nendaba nomunye umzalwane nokukhula kwakhe kunokuba nendaba nalokho okuhlangene nawe. Lokhu kuyiqiniso maqondana nalokho okungavelile ngokusobala ngezindaba zebandla. KwabaseRoma 14:13 bayasiyala ngalezozindawo ezingekho sobala ukuthi sinqume ukunganengeki. KwabaseRoma 15:2 basitshela ukuthi sense kahle ukugculisa abanye kunokuzigculisa thina.

Okwesihlanu, ungalinge uzitshele ukuthi unendawo ephakeme, noma ephansi ebandleni. Ku 1 KwabaseKhorinte 12, nabaseEfesu 4, bakwenza kucace ngokungangabazeki ukuthi sonke siyadingana. Injongo yethu ukuvuthwa ngokubambisana, hhayi ukuzitusa nokuzibukela phansi.

Inhlanganyelo yaMakrestu ukuba nabazalwane ngokwenhloso eyodwa kamoya. Kungaba wuwe nomunye, noma ibandla lonke ngokuhlanganyela.