Akuyona into engajwayelekile ukuthi abazalwane beqiniso baphazamiseke kukho ukudumisa bephazanyiswa yiyo indumiso. Izinkolelo zabantu mayelana nezinto ezithile kubanjelelwe kakhulu kuzo ukwedlula amavesi ajwayelekile emibhalweni alawula ukudumisa kwethu emabandleni.
Imibhalo ayinikezi uhla lwezinsimbi okufanele zisetshenziswe unyaka nonyaka. Imibhalo ayisinikezi uhlelo olulodwa oluvumelekile lokukhonza. Imibhalo ayinalo uhla lwamaculo afakwe ohlwini lalawo avinjiwe ngenxa yomsuka wawo nokuthi abhalwe ngobani. Imibhalo ayinaki ngezinga elifanayo nathi zonke lezinto esithanda ukuzicacisa nesibambelele kuzo. Kodwa futhi imibhalo ayithule ngokudumisa. Asikwazi ukwenza njengoba kungenza labo abanezinkolelo eziqinile ngokudlulele, futhi asikwazi ukwenza njengolabo abathanda ukwenza izinto ezinhlonhlobo.
Nansi eminye yemigomo okufanele ilawule ukudumisa ebandleni.
- Kufanele kuhambisane nesimilo sikaNkulunkulu sobungcwele. (Levitikusi 10:3; amaHubo 5:7; 99:5)
- Kufanele iqondakale ngokuphelele. (1 Corinthians 14:27-28)
- Ingalingisi lelilizwe. (KwabaseRoma 12:2)
- Ihlale yenzeka ngokuhleleka nokufaneleka (KwabaseKorinte 14:40)
- Wenziwa ngezinhlobonhlobo zezinsimbi ezinezintambo, ezifuthwa ngomoya nezishaywayo. (amaHubo 33:1-3; 150:3)
- Inengaphakathi elithulile (Kwabase-Efesu 5:19) kanye namandla angaphandle anomsindo. (amaHubo 33:3)
- Ayincikile ekutheni iqembu elithize labantu lincamelani noma likholelwa yini. (kwabaseRoma 15:17)
- Ifaka phakathi uhlobo lwamaculo oluhlukene (kwabase-Efesu 5:19, kwabaseKolose 3:16)
Lolu hlu lusikhumbuza ukuthi ukukhetha okudingeka kwenziwe ukuze kuhlonishwe lemigomo kuzohluka kwibandla nebandla. Abaholi bebandla yibo abanomthwalo wemfanelo wokusebenzisa ukuhlakanipha okukhulu nokuvuthwa uma benza lezi zinqumo. Lokhu kufanele bakwenze bazi iNkosi, ibandla, kanye nazo zonke izinto zesimanje ezingubuzwe ezifuna ukungena ebandleni.
Uma izinkolelo zakho ngendumiso zicace kakhulu kunombhalo, qiniseka ukuthi ungakushayi indiva ukudumisa ngesikhathi sokukhonza ebandleni!