Indoda noma owesifazane ozakhele yena impumelelo engacikile kubantu kuhlezi kulula ukumbona. Bahamba ngokuzithemba, amehlo abo ayamoyizela ekhombisa inhlansana yokwazi ngaphezulu kwabanye. Uma bekhuluma bavame ukukuveza ukuthi bazi kakhulu, bekhuluma ngokuzithemba ngezindaba abazazi kahle nangezi ndaba ngisho abangazi lutho ngazo. Umuntu ozenzele yena impumelelo uyisibonelo sempumelelo, ukuhlakanipha, nokufaneleka kulomhlaba, kodwa ngokujwayelekile akabi naso isisekelo sobuhlakani bokuziphatha.

IZaga 18:1-2 zichaza ubuwula obuhlezi busobala kwabanye abantu balowo ozakhele impumelelo engancike kumuntu:

Lowo ozazi yena ofuna intando yakhe;

umelana nakho konke

ukuhlakanipha okungqokolo.

Isiwula asithokozi ngokuqonda,

kuphela ngokuveza okusenhliziyweni yaso.

IZaga 18:1-2

Qaphela ukuzincoma okunomhobholo kokuthanda ukuba wumuntu okugwemayo ukuba nabanye abantu. Lokhu kuyiqiniso maqondana nezinhlobo ezimbili zabantu abathanda ukugwema ukuba nabanye abantu, yilabo kakhulukazi abathulayo bathande nokuzihlalela ngabodwana (phecelezi introvert), kodwa futhi nalabo abathanda ukukhuluma babe nabantu ( phecelezi extrovert). Zombili lezizinhlobo zabantu uthola ukuthi ngisho kuthiwa bayahlala isikhathi esiningi nabantu abangontanga yabo empilweni kodwa imibono yabanye empilweni yabo ifana nokuthela amanzi emhlane wedada, alukho ushintsho olubakhona.

Kuqaphele futhi ukuhlezi kuwuwena okhuluma into okuyiyona. Kungenzeka “uhlezi”ukhuluma okuyikona ngoba kwenzekile nje  kwangababikho into engalungile obambelele kuyo, kodwa kubeke emqondweni ukuthi kungenzeka nawe ushaye eceleni. Uma sekwenzekile wafunda ngesihloko waze wafinyelela kwisiqiniseko esicacile, qhubeka uyibeke emqondweni nemibono yabanye abakholelwa kokuhlukile kunawe. Kuqaphele ukungakufuni ukuboniswa, isiluleko, noma umbono wabanye. Uma uwumuntu othanda ukukhuluma, qiniseka ukukhuluma wenzela ukuthola nawe ukuqonda, hhayi nje ukukhuluma ufuna ukunikezela ukuqonda.

NjengaMakrestu siyakuqonda ukusekeleka okuqinile kokukholwa ngesiqiniseko kwizinto ezambuliwe ngokusobala eMbhalweni. Futhi siyakuqonda ukuzehlisa okukhulu ekumele sikukhombise uma sibhekene nomunye nomunye.  Ukuhluleka siyakugwema ngokwenziwa sifane noKhristu, hhayi ngokuthi sizakhe thina.