“UNkulunkulu uzositatamisa” kwakuwukubabaza kwengane eneminyaka eyisikhombisa izwa ubaba wayo elalele intshumayelo kwiSambulo 21. Lokho kuyiqiniso. Isiphetho sensindiso yiZulu- indawo yezibusiso zikaBaba wethu wasezulwini zalabo abangabakhe.

Iketanga lekhethelo lokuhlengwa elikwabaseRoma 8:29-30 liqala ngokwaziwa ngaphambilini nokumiswa ngaphambilini kwethu nguNkulunkulu ngaphambi kokuba kusekelwe umhlaba, liqhubeke nokubizwa nokulungisiswa okwenzeka ngenkathi sempilo yethu yalapha emhlabani, beseke ligcina ngokukhazimuliswa- okungukwenziwa sibe sesimweni esifanele ukutatamiswa kwasezulwini.

Incwadi 1 ekaJohane 3:1-3 ichaza ngesipiliyoni saMakrestu njengesaqala  ngesikhathi uBaba esithanda wabe esesenza abantwana Bakhe, nokuthi yize singakapheleliswa futhi sisenziwa ukuba sibengahlambulukile, siyazi ukuthi uma lokhukuphila sekuphelile, siyokwenziwa sibe ngabaphelele bese simubona uNkulunkulu.

Shono nje izulu ligcwele ubuhle lingenayo into engathokozisi! iZulu ligcwele ukukhanya, nenkazimulo, nobuhle, nabangcwele abanye, ukuphelela, nokuthula, nentokozo, nobumnandi noNkulunkulu! IZulu alinabo ubuhlungu, ukugula, ukukhala, nesono, nabantu ababi, nokuzisola, nakhoke okwenza lomhlaba oqalekiswe ngesono ukuba ungathokozisi.

UNkulunkulu uzositatamisa.

‘ Pho thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela insindiso enkulu kangaka na? Lena eyashunyayelwa kuqala ngeNkosi, yaqiniswa kithina yilabo abayizwayo. ‘

KumaHebheru 2:1-3