KwabaseRoma 12:9 baqala ngohlu lemisho emifishane olumaqondana nempilo yoBukrestu oluthi alufane neZaga. Yize noma loluhlu luzothinta izinto eziningi ezihlukene zempilo yansuku zonke, ivesi lesi-9 liqukhethe imisho emifishane emithathu engamela yonke impilo.
Uthando malungabi nakuzenzisa; nyanyani okubi, nibambelele kokuhle
KwabaseRoma 12:9
Ziningi izindlela zokuwabeka ngokuhlukile lamazwi akulemisho yomithathu. Ungawashintshanisa ngegama ngalinye umusho uwodwa: Ubuqotho, Ubulungiswa, Ukulunga. Ungawabeka abelula nangolimi lwezingane: Ziphathe kahle, ungayithandi into embi; yenza okuhle. Ungawaphendula abe o-hashtag bezinkundla zokuxhumana: #Uthando #ZondaOkubi #YenzaOkuhle. Ungawaphendula uwacacise ngokwesifundiso sezwi likaNkulunkulu ukuthi umyalelo omkhulu, uthando, uphilwa ngokuphelele lapho uqaphelisisa okubalulekile,hhayi ukubambelela kuphela kulokho okuhle nokulungile, kodwa nalopho ubonisisa ukubaluleka bokunyanya ngokufanele isono nobubi. Ukuthanda ngempela, simelwe ukumelana nezindlela zonke zobubi kuqobolwethu nasemiphakathini. Ukuthanda ngokweqiniso, siphakamisa lokho okuhle nokuyiqiniso nokuhle nokulingile.
Phila ngalemisho yomithathu. Kwenze isiqubulo sempilo yakho.