Abantwana bethu sibafunela izibusiso. Siyasebenza ukwenza umhlaba ube yindawo engcono yokuphila senzela abantwana bethu. Siyazinikela kwimfundo yabo, sibalekelele kwinjongo yabo, sibasize ukubumba amaphupho abo- konke lokhu ukwenzela ukuba babe nempilo engcono, engcono kuneyethu.
Kodwa, zonke lezozinto aziqinisekisi izibusiso zabantwana bakho. Kodwa, IZaga, zikhomba into ehlukile njengeyiyona eyindlela yokulingiselela abantwana bakho impilo enezibusiso. Uma uMama noBaba beshona, kuzoqhubeka kubekhona into ngabo ezoqhubeka igcine abantwana babo besendleleni yezibusiso. Lena yinto okungabazali abambalwa kakhulu abayicabangayo ngisho nokuyicabanga uma bekhulisa izingane zabo, izikole zivamise ukuyiphambanisa lento, kanti nomhlaba awuyenzi lento ibe yisibonelo kubantwana.
Olungileyo uhamba ngobuqotho;
babusisiwe abantwana bakhe!
IZaga 20:7
Ukulunga obunobufakazi kuzona zonke izimo zempilo- yiwona ukhiye oqinisekisa izibusiso kubantwana bakho. Futhi qaphela lokhu: akusikona ukulunga kwabantwana okugcizelelwayo kepha lokho kwabazali okuyilona iphuzu elenziwa yilesisaga. Uma abazali qobolwabo belungile, lapho-ke kunethemba lempilo enhle nakubantwana bakho abazofuza bona.
Abazali abenza okulungile ngenxa yokukholwa ngesiqiniseko kunokusaba imiphumela ethile ababa nabantwana abakwazi ukubhekana nokulawulwa yingcindezi yenkohlakalo kwezamabhizinisi. Abazali abaya esontweni ngoba benothando lukaNkulunkulu nabantu Bakhe abanabantwana abaqondayo ukuthi yini ukukhonza. Abazali bona qobolwabo amafunda Imibhalo bese bayathobeka phambi kukaNkulunkulu ngomkhuleko abanabantwana abaziyo ukuthi yikuphi lapho kumele bayekhona ukuthola ukuboniswa empilweni. Abazali abamnene futhi abaphanayo abanabantwana abangakhathazeki kakhulu ngezikhathi zezinkinga. Abazali abasebenza kanzima kodwa abaphumula ngokwanele abanabantwana abalala kahle ebusuku.
Konke lokhu ukufundiswa okususelwa kwincwadi yeZaga 20:7 ukwenzela ukuthi sibe sothandweni nolwazi olujulile olukwazi ukushintsha impilo oluvela kuNkulunkulu esilunikezelwe kwincwadi ekululala ukuyithola. Bazali, incwadi yeZaga yinhle kubantwana bakho, yinhle kakhulu kuwena. Yazi!