Noma besingathanda ukuba uNkulunkulu asikhulise ngokukamoya ngomzuzwana nje,
noma asikhulise ngesikhathi sokuhlangana kwebandla kwikhempu ethatha impelasonto
yonke noma entweni ekanjalo, iqiniso ukuthi uNkulunkulu usikhulisa ngosuku
nosuku kwisikhathi sonke sokuphila kwethu emhlabeni. Ibandla lethu liwuthatha
ngokukhulu ukuzimisela lomsebenzi. Yini oyenzayo ukunyusa izinga lolwazi lwakho
lukamoya ukuze izimpande zakho zikamoya zizohlala zondlekile? Nawu umbono
ukwenzela ukukusiza ukuthi uqale ukwenza ukuzilolonga kwansuku zonke kwezempilo
yakho kamoya.
Njalo ngosuku, ngaphambi kokuthi ugxile kuWhataspp, uFacebook, nezindaba njalo
njalo, vula i-internet efonini yakho, uye kwikhasi le-livinghopepmb.co.za, ufunde
isifundiso esifushane sosuku. Bheka amavesi owatholayo lapho. Bese uthatha
umzuzwana ukhuleke, ubonge uNkulunkulu ngobuhle Bakhe, uvume izono zakho, ucele
usizo Lwakhe ukuphila ngobungcwele ngalolosuku.
Bese, ebusuku, uma usuyongena embhedeni, funda isahluko esisodwa kwiBhayibheli
lakho ( bheka amashadi okufunda iBhayibheli kulo ikhasi lase living hope), bonga
uNkulunkulu emkhulekweni ngobuhle Bakhe, vuma izono, bese uyalala ube nobuthongo
obunokuthula.
Ngomgqibelo, asikho isifundiso esifushane sosuku, ngakho woza kumhlangano
wokukhuleka webandla lethu, bese usulalela intshumayelo eyashumayelwa ngeSonto
elidlulile.
NgeSonto, yiba sesontweni ufike ngaphambi kokuba kushaye isikhathi sokuqala,
uzilungiselele nokuhlanganyela nabazalwane.
Ngosuku okuhlangana ngalo i-homegroup yakho, funda ngenhloso yokulazi ungasalibhekile ivesi elifundwayo ngalolosuku
Uma kukhona amanye amathuba okufunda ( njengemihlangano yamadoda
neyabesifazane, amaklasi ahlelelwe impelasonto njalo njalo), yibakhona lapho noma
ngabo isihloko sibukeka sihambelana nawe noma cha. Amaqiniso amaningi kamoya
esiwadingayo kwizikhathi ezithile siwafunda kusakude ukuba lezozikhathi zifike.
Lokhu konke kungabukeka kululana ngakunye kwakho, kodwa uma sekuhlanganiswa konke kukhiqiza ukukhula kukamoya okuyimpumelelo ngaphezulu kokuhamba amaseshini okululekwa noma e-counselling, ukuhamba izikomfa zaMakhrestu. Ubungcwele buzuzwa ngosuku nosuku.