Ukuphilelana nabantu yisikhuthazo iBhayibheli elisiqhakambisayo. Kwincwadi kwabaseRoma 12:15 mhlawumbe kulapho esingathola khona ukufundiseka kahle ngokuphilelana nabantu kakhulukazi kuthina njengaMakhrestu.
Thokozani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo.
kwabaseRoma 12:15
Uma abanye benjabule, njabula nabo. Uma kukhona isikhathi sesibusiso esikhulu, intokozo enkulu, nomgubho othile empilweni yomunye, yiba kanye nabo kulokho. Thokoza kanye nabo kube engathi wuwe owehlelwe yilokho. Kungenzeka ukhubeke ngokuvumela ubunzima wena osabhekene nabo bungayiphelelisi injabulo yabo, kodwa lokho akusekona ukuphilelana nabantu. Ukuphilelana nabantu kuzothokoza lapho abanye bethokozile yize kukhona ubunzima wena obhekene nabo. Eqinisweni, uthola ukuthi uNkulunkulu uvame ukuhlela izibusiso kulabo abasondelene nawe ngesikhathi sobunzima kweyakho impilo ukuze uzobheka udlule kuwena bese ubona injongo kaNkulunkulu kukuphila konke, hhayi nje kokwakho kuphela.
Lokhu kuyiqiniso lapho amatafula esephendukile. Lapho abanye bedabukile, dabuka kunye nabo. Uma kukhona isikhathi sobunzima, ukudabuka, ukudangala, ubuhlungu okukhulu empilweni yomunye, hlanganyela nabo kulokho. Hlanganyela ekulileni kungathi nguwe olilayo. Kungenzeka ukhubeke ngokufuna ukuthi izibusiso zakho zingaphelelisi ukudabuka kwabi, kodwa lokho akusekona ukuphilelana nabantu. Ukuphilelana nabantu kuzokhala lapho abanye bekhala yize kukhona isibusiso esikhulu esikwehlele. Eqinisweni, uthola ukuthi uNkulunkulu uhlela ubunzima kulabo abasondelene nawe ngesikhathi sentokozo empilweni yakho ukuze uzobheka udlule kuwena bese ubona injongo kaNkulunkulu kukuphila konke, hhayi kokwakho kuphela.
Njengokusho kwesisho, zifake wena ezicathulweni zabo. Yizwa lokho abakuzwayo. Ngabe ukukhala noma ukuthokoza, hlangenyela nomunye ngomqondo wokuphilelana nabantu.
