Kuze kube yisikhathi sokufika kweNkosi futhi lapho izoqeda ngesono bese imisa ukulunga njengezinga lokuphila emphakathini,  ukulunga kusazobanzima. Siyazi ukuthi kuhlezi kungcono ukuphendula ububi ngokulunga, kodwa kwesinyisikhathi ukulunga kubukeka kukhipha ububi obukhulu kulabo abangabenzi bobubi. Kuvame ukuthi kubekhona lokho kuphefumulela phezulu kokukhathazeka ngemuva kosuku lokwenza izinto ezilungile ngendlela elungile ngasosonke isikhathi.

Lokhu kwakuyisona isimo ngoNehemiya. Uyaziwa ngesimilo esihle, nokukholwa kwakhe okuqinile, nezinto ezinkulu ayesezifezile, kodwa ekugcineni kosuku ngalunye kweziningi empilweni yakhe wayephimisela ukuphefumula kokukhathazeka kuNkulunkulu ecela ukuthi ukulunga kwakhe kwalolosuku kungadluli kungazange bubonakale.

Ngemuva kwesigameko esiyihlazo esiphathelene nezezimali lapho yena wabeka eceleni amalungelo akhe wazikhokhela ngokubaqotho nokuphana, wakhuleka “Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngakho konke okuhle engikwenzele laba bantu.” ( UNehemiya 5:19).

Ngokuhamba kwesikhathi, ngemuva kwesigameko esithinta ukuphathwa budlabha kwethempeli uNehemiya waphinda wabhekana nenkinga wabe esebeka abaphathi zimali abathembekile kakhulu. Yize ayengumbusi, kubukeka engathi kwakunguye yedwa owayezama ukwenza okulungile. Waphinda futhi wakhuleka “ Nkulunkulu wami, ngikhumbule kulokhu, ungakhohlwa ukwethembeka engikwenzile, ngikwenzela indlu yakho nomsebenzi owenziwa kuyo.” (UNehemiya 13:14).

Wabugcina ubuqotho bakhe, wabhekana nezinto zonke ngendlela elungile, kodwa ububi babonakala engathi buthola indlela entsha yokuziveza ngasosonke isikhathi. Kwalandela isigameko esiyihlazo sokuphula isivumelwano, nalapho uNehemiya wabunqanda lobobubi. Umkhuleko wakhe ekupheleni kosuku kwaba owokuthukuthelela ubuningi bobubi, kodwa wayesaqhubeka emile eqinile ekukholweni kuNkulunkulu okhumbula abalungileyo. “Ungikhumbule Nkulunkulu wami, ube nomusa kimi ngokuba mkhulu umusa wakho.”(UNehemiya 13:22)

Kodwa kwabakhona obunye ububi obaphinda bavumbuka. Kulesisikhathi umkhuleko waba ngezindlela ezimbili. “Bakhumbule ngenxa yesono sabo”( UNehemiya 13:29), bese “Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.” (UNehemiya 13:31).

Uma ukulunga kwakho kubukeka buvele njengesithupha esibuhlungu, lapho kuvumbuka ububi masinyane ngemuva kokuthi obunye bulungisiwe, ungalilahli ithemba. Gcina ubuqotho. Yenza okulungile okulandelayo. Ngokujoyina nalabo abahambile ngaphambili kwethu ekwenzini lokho kuphefumula kokukhathazeka okudumile okuqondene nokulunga. UNkulunkulu uyasikhumbula, futhi Usikhumbula ngenxa yokuhle kwethu esikwenzileyo.