Ngenxa yokuthi ukuziphatha kwethu iyona ndlela ekubonakala ngayo isono ngamehlo, sivame ukucabanga ukuthi izenzo namazwi ethu yilapho isono siqala khona. Ngemuva kwesonzo esiyisono, kuvame ukuthi kube khona imiphumela emibi, siphinde futhi, sibuke emuva sinombole leyondlela yokuqala yokuziphatha njengalapho kuqale khona yonke into. Lokhu kuholele abaningi ukuba bangxeke indlela eyisono yokuziphatha kwabo kwindlela eyisono abanye abaqale baziphatha ngayo. Kuphinde kwaholela abaningi ekucabangeni ukuthi uma ungaqeda nya ngesenzo esiyisono ngokushesha, izilingo ezizayo ziyonqobeka ngempumelelo.
Empeleni, sonke isenzo esiyisono sinomsuka waso. Isenzo esiyisono kungenzeka sibe yisiqalo semiphumela, kodwa isenzo esiyisono ngandlela thize futhi siwumphumela wezimo eziqale zabakhona. Asikho isenzo esiyisono esivele sivumbuke. Yize ezinye izenzo eziyizono sizenza singazange sacabanga, kodwa nalapho ngazikhathi zonke kusakhona izimo ezenzekile kuqala. UMbhalo usichazela lokhu usebenzisa isifaniso sokubamba ( ukukhulelwa) , ukuzala, nokukhula.
Phela uma inkanuko isibambile, izala isono; nesono uma sesiphelelisiwe, sizala ukufa.
ekaJakobe 1:15
Sonke isenzo esiyisono empeleni sisuke sekuyisigaba esimaphakathi nohambo oluyisono. Sonke isono sinomphumela kodwa sonke isenzo esiyisono sinomsuka waso.
Isibonelo, thatha isenzo esiyisono sokubhoka ngolaka. Akukho lapho sivela khona. Ukubhoka ngolaka kungu “kuzala”kwenkanuko ebesekunesikhathi vele uyikhulelwe. Kungenza bekuyinkanuko yokufuna ukuthi izinto zenzeke ngendlela yakho, noma inkanuko yokukhuluma into oyicabangayo, noma inkanuko yokuthi uzifakazele ukuthi uwena oright. Uma zingekho izizenzo eziyisivikelo ezenziwe ekusithekeni kwenhliziyo yomuntu, lezizinkanuko maduzane “ziyabamba” zibamba isenzo sokubuka izinto ngendlela eyisono. Uma sekufika isikhathi esifanele, nethuba selivela, “zizala” ukubhoka ngolaka. Bese lokho “kukhula”kube wuhhide lwemiphumela ebhidlizayo. Umphumela wokugcina wesono njalo “ukufa” ( KwabaseRoma 6:23)
Indlela ewumkhuba ofanayo yokuthi “inkanuko eqhubeka izala isono esikhulayo kuze kufike ukufa” iyona ndaba ephelele yasosonke isono esisenza ngezenzo nangamazwi. Yilwa nesono, kodwa hhayi sekumaphakathi nohambo lwesono. Yilwa nesono sisaqala nje. Khanukela izinto ezingcono. Yeka ukuhkanukela izinto ezingenamsebenzi. Ungaphokopheleli ukujabulisa izinkanuko zakho, kodwa phokophelela intando kaNkulunkulu.