Akusiyona imfihlo ukuthi kuzona zonke izigameko zokuhlaselwa ngenxa kaKhristu emlandweni webandla, impoendulo yokuqala yabazalwane beqiniso ebhekiswe kulabo ababazingelayo kwakuyileyo yesihle, hhayi ekhombisa ukufuna impindiselo.
Noma abazalwane ababulawa ngenxa kaKhristu babeqinile benganyakazisiseki ekukholweni kodwa babebamnene futhi babenesihe ngesikhathi sokubulawa kwabo. Ziningi izindaba zokubingelele kwabo okwakunesihe kulabo ababezele ukuzobenza inhlekisa ngesikhathi sokubulawa kwabo, zezicelo ezifakwe ngesihle kulabo ababezobabulala zokuthi ukubulawa kwabo bakusheshise, zokuphendula ngokuthi bangasho lutho lapho bekhacwa ngamazwi avela kuquqaba olwaluthamele ukubulawa kwabo. Okuyilona lodwa iphimbo elalizwakalela phezulu elalivela kulabo ababebulawa ngenxa kaKhristu kwakuyiphimbo lomkhuleko elalizwakala ngaphezulu komsindo owawukhona ngenxa yesigameko , noma kube yiphimbo lokushumayela linikezela ithuba lokuxolelwa kwezono kobona bonke ababezolandela iNkosi efanayo. Kwizikhathi ezinzima kakhulu zokuvivinywa , Amakrestu ayagqama kakhulu ( IZenzo 7:60). Lokhu yikona iNkosi yethu uJesu Khristu qobolwayo eyaba yisibonelo sakho ngesikhathi sokuquliswa Kwayo okwakungenabo ubulungiswa nokwalandelwa wukubulawa kwayo (ngokukaLukha 23:34).
Kodwa lokhu kuyiyona into esekujuleni kwenhliziyo yesifundiso soBukhrestu. Kubuhlakani obuthi abufane nalobo bencwadi yeZaga bempilo yamakrestu esibuthola kwincwadi kwabaseRoma12, nakhu esikufundayo ngokuphendula labo abangabazingeli balabo abakholwa kuKhristu.
Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi.
UMbhalo ugcwele uyayichichima ngalo myalelo. Uma uqhubeka nalesisahluko , abaseRoma 12:21 banikezela inqubomgomo yokunqoba okubi ngokuhle. Kwincwadi ngokukaLukha 6:27-33 uJesu unyusa izinga lokuba nesihe kwabanye ukuba lifake phakathi nalabo abasizingelayo. Ku- 1 ekaPhethro 2:21-23 sibizelwa ukulandela ezinyathelweni zoMsindisi wethu lapho sihlushwa ngokuzingelwa ngenxa yokholookufanayo noKwakhe. Kwincwadi ngokukaMathewu 5:44 kuyalwa ukuthi uthando nomkhuleko kube yikho okuyimpendulo yethu yokuqala kulabo abangabazingeli balabo abakholwayo.
Yigcine emqondweni incwadi kwabaseRoma 12:14 kusekude ukuba ukuzingelwa ngenxa yokukholwa kufike, ukuze impendulo yakho yokuqala iyoba nokufuza ekaKhristu. Funda ukukhathalela labo abadukile—kakhulu labo abakufakazela ngokusobala ngokwenzondo abanayo ngoKhristu kanjalo nalabo abasindisiwe Nguye. Khulekela labo abahlekisa ngalokho okumi kukho emoilweni ngoba unguMkrestu. INkosi yamsindisa umzingeli wamakholwa uSawuli yamphendula waba nguMphostoli uPawuli. Ungakushayi indiva ukubusisa, ungabaqalekisi, labo abakuhlukumeza ngenxa yokukholwa kwakho.