Angingabazi ukuthi yimina kuphela oke alwe nomuntu othola ukuthi empeleni ngiyavumelana naye. Kwesinye isikhathi amasayidi amabili endaba eyodwa achazwa ngezindlela ezihlukile ngendlela yokuthi kubonakala engathi udaba olungafani laphoke akumangazi ukusuka kwengxabano. Kodwa nomakunjalo, lulodwa udaba, zombili izincazelo zabo zilungile, futhi bobabili laba abaluchazayo kahle kahle bayavumelana, ukuthi nje abakacabangisisi ngezimpendulo zabo abazikhiphe ngokuphuthuma ukuthi empeleni bakhuluma ngento eyodwa.
Isibonelo, umngani ungena emnyango ebuza ukuthi “kukhona engingakusiza ngakho?” azithole esezwa impendulo ethi “wena awukaqoqi ukungcola okwenze ekhishini”
Ngokombono womuntu obukayo eceleni, ukuvumelana lokhu—omunye uyafisa ukusiza, omunye uyazi ukuthi kunento ekumele yenziwe. Kodwa, ngendlela impendulo ehlelwe ngayo, yenza labangani bobabili ukuthi bangene empini. Inkulumo ebingokuzothola ukuthi kukhona yini usizo oludingekayo isiphenduke yaba yimpikiswano ngokuthi ubani oshiye kungcolile ekhishini. Masinyane inkulumo iphenduka omkhulu umsindo, bese ukuphikisana okunye kulandelwe ukuthi ngubani owenze isiqalo esihle senkulumo saphenduka saba yimpi. Ukube impendulo kube ukuthi “yebo, ngiyabonga, ngicela uqoqe laphaya ekhishini” yonke into ngabe ilungile, kodwa futhi, ukube umuntu wokuqala uvele waqoqa ukungcola, ngabe inkulumo ayibanga khona ngisho nokuba khona.
Iqiniso ukuthi ngemuva kwakho konke, bobabili banecala ezintweni ezimbalwa ezithile, kakhulukazi banecala lobuwula bokushesha bacasukelane. Kungukuhlakanipha ngempela, kanjalo kunobunkulunkulu, ukuba nomusa kalula kunokuba ukuzibona engathi ulungile kube yikho okuzivezayo.
Kuludumo kumuntu ukuziqhelelanisa nengxabano,
kodwa zonke iziwula ziyashesha ukuphikisana.
IZaga 20:3
