UbuKhrestu bunezinto eziningi kubona.
UbuKhrestu “abunal’iqiniso”ngokomqondo omuhle waleligama. Izoni ezifanelwe ukujeziswa ziyakhululwa ngenxa yokushintshaniswa ( 2 kwabaseKhorinte 5:21). UNkulunkulu wenza ukuba ilanga liphumele abangakholwa njengakulaba abakholwayo ( ngokukaMathewu 5:45). Ngisho lapho abantu sebesungula lonke uhlobo lobubi, uNkulunkulu uyaqhubeka enze ukuthi kuvele okuhle kukona konke ( IGenesisi 50:20). UbuKhrestu “abunal’iqiniso”ngokomqondo omuhle waleligama—UNkulunkulu uhlezi enza okuhle ngaphezulu kwalokho okufanele.
Okulandela lapho, labo abayingxenye yoBukhrestu, Amakhrestu, kumele bakhombise ngobufakazi ‘ukungabi neqiniso’ okukhulu ngokuthi bakhombise ubuhle kwabanye. Sithanda ukuthi sigxile kakhulu ‘kwiqiniso’—sibuyisela okuhle ngokuhle, bese sibuyisela okubi ngokubi. Esikhundleni salokho, Amakhrestu abizelwe ukuba azihluphe ngokwenza ngokudlulele, ngisho kuthiwa ngendlela ebukeka ingenalo iqiniso, okuhle.
Ningaphindisi okubi ngokubi, khuthalelani ukwenza okuhle phambi kwabantu bonke
KwabaseRoma 12:17
Uma kuwukuthi kunomuntu omukweleta okuhle okuthile, kwenze ( IZaga 3:27). Ngokufanayo, khombisa lobobuhle nalapho ucabanga ukuthi ukweleta umuntu ukuthi umbuyisele ngokubi. Ungabi njenganabo ekukhombiseni izinhloso ezimbi zenhliziyo yakho, kodwa kunalokho khombisa ngobufakazi ngendlela ecace bha ubuhle bukaNkulunkulu osebugcwalise inhliziyo yakho. Hlala njalo uqaphele, mamathekela wonke umuntu, yiba mnene kwindlela okhuluma ngayo nakwimiyalezo oyithumelayo, philelana nabantu ngaphandle kokwenzelela. Yenza okuhle kumngani, ngokunjalo yenza okuhle nakwisitha, khulekela abantu bonke. Ungabi ngocasulwa kalula, futhi qinisekisa ukuthi awufuni ukucasula omunye umuntu. Susa ukugqumelana kuwe, bese uyashesha ukuxolela noma ubani.
Enye yezindaba ezihlaba umxhwele ngokuhle okwenzelwa okubi yile yengxenye yesibili yencwadi yoku 1 kaSamuweli. UDavide unawo wonke amalungelo enkosi, kodwa akazivumeli ukuba enze okubi kulowo omenze kabi yena. Nakanjalo uKhristu, kwakumele ezele ukuzokwenza ukuba thina sife, kunalokho wenza okwakhe ukufa ukuze thina sisindiswe.
Yenza lokho okuhle emehlweni abo bonke ukuze abenzi bobubi bezobona ukuthi ungumntwana kaNkulunkulu omuhle ngokudlulele.