Ngakho-ke njengalokhu nimamukele uKhristu uJesu iNkosi, hambani nikuye,nigxilile, nakhiwe kuye, niqinisiwe ekukholweni, njengalokhu nifundisiwe, nivame ukubonga.Qaphelani funa kube khona onithumbayo ngokuhlakanipha nangenkohliso eyize ngokwemvelo yabantu, ngezimfundiso zokucathula kwezwe, okungesikho okukaKhristu. Ngokuba kuhlala kuye ngokomzimba konke ukuphelela kukaNkulunkulu.Nina niphelelisiwe kuye, oyinhloko yemibuso yonke namandla.
KwabaseKholose 2:6-10
KwiBhayibheli elinikezela amanothi alekelela ukuba ukwazi ukuzifundela likaMacArthur ( MacArthur Study Bible) , ngaphansi kwencwadi yabaseKholose, kunenkulumo efingqiwe “ngoBuhle Benkazimulo BukaKhristu”. Njengomkhuleko namhlanje, nakhu ukuhlelwa kwalenkulumo efingqiwe ngokomkhuleko ukuzikhumbuza thina ukuthi ungubani loJesu esikholwa kuye nesithembela kuye, uMsindisi wethu.
“Jesu, Wena uyikho okwanele maqondana nazozonke izindaba ezithinta impilo nokumesaba uNkulunkulu. Wena uyikho okwanele okuphathelene nendalo yonke. Wena uyikho konke okwanele maqondana nensindiso, ukungcweliswa, kanye nokukhazimuliswa. Wena ungcwele, awunalo ngisho nechashaza lesono, lephutha noma lokungapheleli. Wena uphelele, abakekho omunye UNkulunkulu ngaphandle kwakho. Wena wedwa uyiNdodana ezelwe yodwa. Uqukethe wonke amagugu okuhlakanipha nawokwazi. Kuwe ngokomzimba kuhlala ukuphelela kukaNkulunkulu. Wena uyindlalifa yezinto zonke. Wena udale izinto zonke, Nguwe owenze izinto zonke, zonke izinto zenziwa Ngawe zenzelwa Wena. Wena uphasa zonke izinto ngamandla eZwi Lakho. Uyizibulo lakho konke okudaliwe ungumfanekiso woqobo kaNkulunkulu.
Jesu, Wena kuphela ungumlamuleli wethu phambi kukaNkulunkulu. Uyilanga elikhanyisayo, umelaphi ophilisayo. Uwubonda loMlilo elivikelayo, uMngani oduduzayo. UnguBuhlalo obucebisayo, uMkhumbi ophasayo. Uyidwala elisekelayo ngaphansi kwengcindezi enzima. Uhleli ngakwesokunene sesihlalo sobukhosi samandla oBukhosi phezulu. Ungcono kunezingelosi, ungcono kunoMose, uAroni, uJoshuwa noma uMelkhizedeki, ungcono kunabaphrofethi bonke. Umukhulu kakhulu kunoSathane futhi unamandla kunokufa.
Jesu, awunaso isiqalo nesiphelo. UyiWundlu likaNkulunkulu elingenasici. Ungukuthula kwethu, ithemba lethu, ukuphila kwethu- INdlela ephilayo neyiqiniso. UyiNkazimulo kaIsrayeli, impande nehluela likaDavide, Inkanyezi yoKusa eCwebezelayo. UThembekile futhi UyiQiniso. UnguMqalisi noMphelelisi wokukholwa kwethu. Ukumqalisi weNsindiso yethu, okhethiweyo kaNkulunkulu. UnguMphostoli noMpristi oMkhulu wesivumo sethu, iNceku uqobo eLungile.
Jesu, UnguNkulunkulu Wamabandla, Umhlengi woqobo—Ongcwele kaIsrayeli, UNkulunkulu womhlaba wonke, INdoda yeziNhlupheko, Ukukhanya koqobo, INdodana yoMuntu. UnguMvini, Isinkwa Sokuphila. UnguMnyango wensindiso yethu. UnguNkulunkulu wethu, uMprofetthi, UMphristi futhi uyiNkosi. Ungukuphumula kwethukweSabatha. Ungukulunga kwethu, Umeluleki wethu Omangalisayo. UnguNkulunkulu wethu Onamandla, uBaba wethu Ongunaphakade. UyiNkosi yoKuthula, UMelusi ophezu kwabobonke. UnguSimakade uNkulunkulu Wamabandla, uNkulunkulu wezizwe zonke. UyiNgonyama kaJudah, uLizwi Ophilayo, iDwala leNsindiso yethu. UnguMoya Ongunaphakade, UMdala weZinsuku. UnguMdali uqobo noMduduzi wethu. UnguMesiya. UnguNginguye!
AMEN!”