Babusisiwe abamnene, ngokuba bayakudla ifa lomhlaba
ngokukaMathewu 5:5
Njengezimfundiso zeNtshumayelo yaseNtabeni, lena iveza obala indida yobunjalo bempilo. Emhlabeni lapho kubukeka engathi labo abathukuthelayo, abanomsindo, abanokuzithanda bona bahlezi bengaphambili empilweni, ngokushesha siyakhohlwa ukuthi okunomqondo ophikisana nalokhu empeleni yikona okuwubunjalo bempilo.
Lesifundiso sakwiNtshumayelo yaseNtabeni sisekeleke kwiHubo 37. Yilokhu, engikubiza nge “ Hubo lobunjalo bempilo”—IHubo elibheka izindlela ezisobala lomhlaba obukeka wenza ngayo izinto, kodwa bese lithi ukubheka ngendlela ethe thuthu kunaleyo enomqondo omncane wokubuka izinto,belibona, eZwini likaNkulunkulu, ukuthi ubunjalo bempilo busebenza kanjani eqinisweni.
Amahubo 37 aphathelene nabenzi bobubi abakwenza ukhathazeke kulempilo. Benza lokho okubi nokuphambene ( 1), baqhubeka empilweni ngolaka nangentukuthelo (8), bakha amacebo benza nenkohlakalo ( 1, 32), bayacindezela futhi babhubhise ( 14), bayasebenzisana ukuze bazuze futhi bayakhwabanisa (21), bese kukona konke babukeka engathi bayaphumelela (35).
Kodwa, kahle hle lokho yindlela yokungabukisisi uBunjalo bempilo bonke. Ngoba njengoba ingxenye enkulu yaleliHubo iqinisekisa, uSimakade uyawavimba amacebo abo nekusasa labo, Abheke labo abathembela Kuye nabahamba ezindleleni Zakhe.
Okuyilona iphuzu elenziwa yiHubo 37 lingazwakala kahle ngalendlela “ Ungazikhathazi ngalabo ababukeka bethola yonke into ngezindlela ezimbi, ngoba abamnene nabalungile ekugcineni yibona abathola yonke into”
Babusisiwe labo abangenzi abacebo amabi nenkohlakalo, nabangakabalasi bamemezi, ngoba bayakuthola yonke into.