The Simplest Way to Handle Complex Situations

“Buyela kwimithetho emibili noma emithathu yesimo sakho”. Yisona leso iseluleko esisidingayo isikhathi esiningi. Izimo ezinzima esibhekana nazo usuku nosuku, kwesinye isikhathi iminyaka ngeminyaka, zinzima kakhulu, ngendlela siyazigqilaza sizama ukukubekezelela konke. Isikhathi esiningi ukuzama kwethu kudlala indima kwinkinga ekhona esikhundleni sokudlala indima kwisixazululo.

Yingakho, kuyona yonke imithatho emihle eMbhalweni wonke, uNkulunkulu naye unikezelile ngemiyalelo emibili emithathu eqondene nezimo ezinzima esizithola sibhekene nazo ngokuvamile.  Lemithetho emincane ewusizo ihlezi iyisiqalo sokubhekana nezimo ezinzima kakhulu, futhi isikahthi esiningi, kakhulukazi uma izinto ziphuma esandleni, lezi yizinto esibuyela kuzona lapho sizama ukuqala kabusha futhi.

Isibonelo, umshado kuyenzeka ube nokungaxhumani kahle okuningi, izenzo eziwumkhuba omubi, nobuhlungu okwaziswana bona osebadlula, kodwa uma umyeni eqala maphansi ngokuthanda umkakhe ( kwabaseEfesu 5:25) bese futhi esebenza ukukwazi ukumazi kahle umkakhu ( 1 ekaPhethro 3:7), lapho ke kungcono ngoba indima yakhe aseyidlala isingcono, ngokuhamba kwesikhathi ngisho nonkosikazi onenkani uzokwamukela ukuthandwa nokwaziwa kahle. Kanjalo nakumfazi othatha igxathu lokuqala ukudlala kahle eyakhe indima emshadweni. Ngesikhathi ekhombisa inhlonipho kwindlela axhumana ngayo nomyeni wakhe ( Efesu 5:33), naye uzothola izixakaxaka eziningi zomshado wabo zixazululeka kusale izintwana ezincane ezingakwazi ukululekwa ngayinye ngesikhathi.

Okufanayo kuyiqiniso nangokuba umzali. Lapho izingane zifundiswa ukulalela ngokuziphatha okuhle ( Efesu 6:1-2)  nabazali beyekela ukuthukuthelisa izingane ( Efesu 6:4), isimo ekhaya sizovele sibe ngcono kakhulu.

Lokhu kuyiqiniso nasemsebenzini. Sebenza kanzima nangokuthembeka ungakhathaleli ukuthi uhola malini ( Efesu 6:5-8), bese indlela elungile yokusebenza kwakho izozikhulumela yona lapho ungaphansi kokubhekisiswa. Phatha labo abakusebenzelayo ngokuzothoba nangendlela elungile ( Efesu 6:9) ngokwenza lokho uzohlakazi okuningi ukungezwani okukhona emsebenzini ngokuhamba kwesikhathi.

Hamba uyothola imiyalelo esobala yanoma yisiphi isimo obhekene naso, qala ngaleyo, lapho-ke uzoqala uthole, uma ungakatholi okuningi, ukuthi umqondo wakho uzogxila kakhulu futhi ukhuthazele ekwenze ushintsho olunomthelela omuhle. Indlela esobala yokubhekana nezimo ezixakanisile ukuthi ubuyele emuva, ekuqaleni , uqale wenzekahle laoho.

Kunokuhlakanipha okukhulu kwiculo likaSonto Skole elithi

Read your Bible
Pray every day
Pray every day
Pray every day
Read your Bible
Pray every day
and you will grow, grow, grow!
Read your Bible
Pray every day
and you will grow, grow, grow.

Funda iBhayibheli

Thandaza ngezinsuku zonke

Thandaza ngezinsuku zonke            

Thandaza ngezinsuku zonke

Funda iBhayibheli

Thandaza ngezinsuku zonke

Uzokhula, ukhule, ukhule

Funda iBhayibheli

Thandaza ngezinsuku zonke

Uzokhula, ukhule, ukhule