Pray for God’s Sovereignty on Display

mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini

Ngaphezulu kwezinye izinto, “UBaba wethu Osezulwini”noma mhlawumbe sibeke ngokuthi, “Umkhuleko wawowonke umfundi weNkosi”, umkhuleko kuNkulunkulu ukuba Enze kube sobala ukuthi Nguye olwawula izinto zonke.

Umthandazo oyisibonelo iNkosi yethu uJesu eyasinikezele wona, uqala ngokukhuluma ubhekise kuNkulunkulu uQobolwakhe, ngokuqondile ngqo Lowo onguBaba wethu aphinde futhi abe nguNkulunkulu ongaphezulu ngokwedlulele kwezinto zonke  okungeke zaziwa noma ziqondwe ngemiqondo yabantu. Umusho olandelayo kulomkhuleko yisiqiniseko sesimilo esingcwele sikaNkulunkulu nokuthi futhi ukudlula ezinye izinto, inkazimulo Yakhe yiyona njongo yezinto zonke.

Njengoba ubukhulu bukaNkulunkulu sebugcizelelwe ngokusobala, yilaphoke sesifundiswa ukuthandaza “mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini”. Lona mhlawumbe wumkhuleko oduduzayo  ukudlula yonke imikhuleko umntwana kaNkulunkulu angawukhuleka kuNkulunkulu weZulu noMhlaba.

UNkulunkulu usebenzisa ukwengamela izinto zonke Kwakhe phezu kwazo zonke izinto eziphatheleni nempilo, ekwenza lokho ngokuHlinzeka kokunakekela Kwakhe.  Ukuhlinzeka kokunakekela kukaNkulunkulu yindlela esesithe, engekho sobala ngaleyondlela, uNkulunkulu Aphuphumelelisa ngayo izinhloso Zakhe esebenzisa izigameko zabantu zempilo yansuku zonke. Ngisho nobubi obenziwa ngabantu buyaphendulwa bube wubuhle, buphendulwa ngukuHlinzeka kokunakekela kukaNkulunkulu, kodwa kalula-nje kuthathwa engathi yilokho okuzenza sakwengamela izinto zonke kukaNkulunkulu okunjenge nhlanhla, ukuqondana kwezinto.

Njengamakholwa siyakhala kuNkulunkulu sicela ukuba Akwenze kuthi ukuba sobala kancane, kithina nakulabo abangakholwa, ukuthi Nguyena owenza zonke izinto zisebenzelane. Izinhliziyo zethu ziyakukhalela lokho ukuze labo esibathandayo abangaMushayi’ndiva bengakwazi ukuba babubone ubuhle Bakhe ezimpilweni zabo. Izinhliziyo zethu ziyakukhalela lokhu ukuze thina qobolwethu singeke silahle ithemba kulesiphithiphithi sakulempilo. Izinhliziyo zethu ngokufanelekile zikhalela ukuthi uNkulunkulu Enze ukwengamela Kwakhe izinto zonke kuthi ukuba sobala kancane kuwona wonke umuntu.

Yilokho ngqo okulandelayo kwisibonelo somthandazo weNkosi yethu uJesu esinikezelwe kuwona wonke umfundi Wayo.

mawufike umbuso wakho;mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini

Ukubeka lomkhuleko ojwayelekile ube yimininingwane ethile ezokhombisa ngqo uNkulunkulu ukuthi uNguye Lowo Owengamele phezu kwalomhlaba, uJesu usibalela lokhu okulandelayo.

  1. Khulekela ukuthola isinkwa semihla ngemihla. Ngaphezu kokuba wumholo wenyanga, isinkwa semihla ngemihla sizokhombisa ukuthi uNkulunkulu uyayi lawula impilo njengoba ehlinzekela Abakhe ngisho nalapho sebengenalutho ( 1 Amakhosi 17:6).
  2. Khulekela ukuba izono zakho zixolelwe. Akekho ongaxolela izono ngaphandle kukaNkulunkulu, ngakho khulekela ukuba iziono zakho zixolelwe, bese uvumela inkululeko yalokho yenza abanye bakulangazelele ukuzwa umyalezo wokuxolelwa kwezono. Ngasosonke isikhathi lapho uNkulunkulu exolela izono zesoni, lowomuntu yabona ukuthi uNkulunkulu empeleni Nguye ophethe. ( Amahubo 130:4).
  3. Khulekela ukuthi anciphe amathuba okona. Ukungavumeli isilingo sokuthi wone kunzima ngoba izinkanuko zethu ziyasilinga ukuba sone, kanti noMubi naye uhlangene nokufuna ukuwa kwethu. Ngakho khulekela ukuba uNkulunkulu kukho ukwengamela Kwakhe izinto zonke uzokwenza zibencane izikhubekiso zize endleleni yethu. Kungubufakazi ngempela emhlabeni lapho uMKhrestu enezinkinga ezithe ukuba ncane kunezongakholwa ngoba abangeni kwizimo eziwubungozi ezilingana nalezo zababi. ( IZaga 22:3).

Iphuzu lisobala kakhulu. Khulekela ukuthi uNkulunkulu Enze ukwengamela Kwakhe izinto zonke kube sobala kakhudlwana kuwe, nakuwowonke omunye umuntu osebusweni bomhlaba. Awudingi imihlangano yokwenza izimangaliso noma izimpawu eziphazima esibhakabhakeni ukuze lokho kwenzeke, okudingayo nje ukuba uNkulunkulu anakekele izidingo zaBakhe, ukuhlanza izoni emacaleni ezono zazo, nokusivikela ekuqhubekeleni esonweni. Lezo yizinto ezimelana nenhlanhla nokuqondana kwezinto. Lezo yizinto ezisenza ukuba sibabaze njalo “UNkulunkulu wethu uyabusa.

Ngelinye ilanga, UNkulunkulu Uzoletha umbuso Wakhe emhlabeni. Lapho-ke kuzobasobala ngomangalisayo kuwowonke umuntu ukuthi Nguye ophethe impilo. Umthandazo wokuthi ukwengamela Kwakhe izinto zonke kubesobala manje ngalezizicelo ezintathu empeleni futhi sekuwumkhuleko walokho kuvela okusobala koMbuso ozayo wokwengamela ukuba ufike masinyane.

Uma ucabanga ngomthandazo, cabanga ngawo ngalendlela:

Yibanendaba ngalokho uNkulunkulu Anendaba ngakho, bese uletha izicelo zakho zalokho onendaba nakho kuNkulunkulu.