Peace: Fake it, Break it, or Make it

UKend Sande, kwincwadi yakhe iPeacemaker (umenzi wokuthula), uthatha konke ukuphendula kwethu okuhluka hlukene uma sibhekene nezingxabano ukwenza amaqoqo ngaphansi kwezihloko ezithi ukwenza engathi kukhona ukuthula, ukuqeda ukuthula, nokwenza ukuthula. Lamaqoqo awusizo ngezindlela eziningi ukukwazi ukucubungula ukuthi wena iyiphi indima oyidlalile ekwenzeni ukuthi ukuthula kushode kubudlelwano onabo.

Ukwenza engathi kukhona ukuthula kufaka phakathi izimpendulo ezifana nokuziphatha engathi yonke into ihamba kahle, ukusulela ngabanye noma ngezimo ezithile, ukubalekela izimo  ezithanda ukubanzima, bese kuba, ngendlela ethanda ukudlulela kunezinye,ukuthatha impilo yakho uthi wenzela ukubalekela izinkinga.

Ukuqeda ukuthula kufaka phakathi ukuphendula okufana nolaka, inhlamba, ukuhleba, ukukhuluma kabi ngokumuntu, ukulwa, bese ngendlela edlulele kunazo zonke, ukuthatha umphefumulo walowo ocabanga ukuthi nguye obanga izinkinga.

Isigaba esiphakathi nendawo yilendawana yokwenza ukuthula. Kulesigaba sokwenza ukuthula nakhona kukhona izindlela eziningi zokukuveza, futhi ukuhlakanipha okuza ngokweBhayibheli kuyasisiza ukuthi sazi ukuthi iyiphi indlela yokuphendula enhle ngaphansi kwesimo nesimo, bese kuyasisiza ukwazi ukuthi kunini lapho simele sidlulele phambili kwenye indlela yokuveza ukwenza ukuthula uma kukhona ingxabano.

Isigaba sokwenza ukuthula siyindawo yezibusiso ( ngokukaMathewu 5:9). Kwisigaba sokwenza ukuthula sivame ukuthi kalula nje sidlulise lesosono esenziwe kithi ( 1 ekaPhethro 4:8, IZaga 19:11). Kodwa, uma singeke sikwazi ukukwenza lokho ngenhliziyo emhlophe, noma uma lokho okwenziwe kithi kulimaza kakhulu, labo abahlakaniphile benza ukuthula ngokuthi bakhulume kulowomuntu abathintane naye ( ngokukaMathewu 18:15). Lokhu kuyindlela eqondile yokuvuselela ubudlelwano. Kepha, njengoba sonke sazi, akuhlezi kubakhona ukuphendula okuhle. Uma ungeke ukwazi ukuthi udlulise lokho okwenziwe kuwe, futhi nokukhuluma nalowo muntu kungenzi ukuba kubekhona ukuthula, lapho-ke abahlakaniphile bayakofuna usizo kulabo abathe ukuba nobuhlakani futhi abanobunkulunkulu kunabo ( kwabaseGalathiya 6:1-2). Njengendlela ewusizo olwengeziwe, kuwusizo olukhulu ukuzinikezela wena uqobo ekubeni yilowo ozibophezelayo ekuqinisekiseni ukuthi kuyenziwa ukuthula phakathi kwezoni ezimbili ezifunayo ukunqoba izono ezincane nezinkulu ezenza kube khona ingxabano (ngokukaMathewu 7:1-5).

Ukudlulisa, ukukhuluma, ukuyothola usizo nokuba khona kwalowo ozibophezele ukusiza yizindlela zokwenza ukuthla ezine ezihlukene zonke ezinendima yazo, lokho kuhlezi kuphetha ngokuthi kubekhona ukuthula phakathi kwabantu ababili abafunayo ngempela ukubuyisana. Uma imizamo yethu yokwenza ukuthula yamukelekile, yenza kubekhona ukubuyisana okuhle ngisho nobungani obungcono. Uma imizamo yethu yokwenza ukuthula ichithiwe, singaqhubeke sithembele ekuthini ngangokwemizamo yethu, asisekho ephutheni ( kwabaseRoma 12:18). Isijwayezi sethu sokwenza engathi kunokuthula, nokuqeda ukuthula kudingekile ukuba endaweni yakho kungene lezozinto ngempela ezakha ukuthula.