What do you do with an all-knowing God

Uma uNkulunkulu enawo amehlo, nakhu angabe ayakubona:

Amehlo kaSimakade asezindaweni zonke,

aqapha abahle nababi.

Izaga 15:3

UNkulunkulu wazi yonke into ngawo wonke umuntu. Uyazi imisebenzi yethu yansuku zonke, Uyayazi imicabango yethu, Uyazi ngisho nokuthi sizothini ngaphambi kokuba sikhulume (Amahubo 139:2-4).

Yini oyenzayo ngoNkulunkulu owazi konke? Awukwazi ukumkhohlisa ngalokho okwenza phambi kwabantu, Uyazi nalokho okuyisijwayezi sakho ekusithekeni futhi. Awukwazi ukumphamba ngokwenza engathi ulungile, ngoba Uyayazi imicabango yakho. Awukwazi ukucabanga ngokuthi ungazithethelela kanjani, ngoba uyawazi amanga ezaba zakho ngaphambi kokuthi uwakhulume. Sizozilanda ngezimpilo zethu Kuye Owazi konke (Kumahebheru 4:13).

Kithina esesixolelwe izono, uNkulunkulu owazi konke uyinduduzo enkulu. Uyazi ukuthi sihamba endleleni yokulunga, futhi Uyazi zonke izenzo ezimbi ezenziwe kithina. Uyakumvuzisa olungileyo, futhi uyakubhubhisa ababi. Amehlo kaNkulunkulu abona konke kanye nomqondo Wakhe owazi konke yikho okuyisizathu sokuthi sivuke njalo ekseni, sivume izono zethu, sithobele nezwi Lakhe. Uyakubona. Uyakwazi.