Why we worship God

“Kungani ukhonza uNkulunkulu?” ngokwamakholwa, lokhu akusiwo umbuzo onzima ukuwuphendula. Umbuzo onzima ukuthi “ Uqala kuphi ukuphendula?!” kubukeka engathi IHubo 147 nalo alazanga ukuthi liqale kuphi, ngakho umbhali walo uvele waqala, wabe eseqhubeka ngezindlela eziningi ephakamisa ukudumisa uNkulunkulu kumavesi awu 20 wenza izigaba ezincane ezahlukene wazibeka ngezihloko ukwenza kuhlukane kahle ngendlela eqoqekile.

Amahubo 147:1-6 Dumisani uNkulunkulu…

v. 1 ngoba kuhle futhi kufanelekile

v. 2  ngoba Uyakha okwakhe futhi uyabutha okuhlakazekile

v. 3 ngoba Uyalapha izinkinga zethu zikamoya/ zemizwa / nezengqondo

v.4 ngoba Wazi zonke izinkanyezi ngamagama

v. 5 ngoba Mukhulu, Unamandla amakhulu, futhi Wazi konke

v.6 ngoba Unendaba nabathobekile, uyabhubhisa ababi

Amahubo 147:7-11 Dumisani uNkulunkulu…

v. 8 ngoba Uyapha imvula

v. 9 ngoba Uyondla nezilwane

v. 10 ngoba Akagxilile emandleni akulomhlaba

v. 11 ngoba Uyathokoza ngalabo abakholwa Kuye, abathemba Kuye, futhi abathandwa Nguye

Amahubo 147:12-20-Dumisani uNkulunkulu …

v. 13 ngoba Uyasibusisa ngabantwana

v. 14 ngoba Uyasivikela futhi Uyasondla ngokwenyama

v. 15 ngoba Utshela umhlaba wonke ukuthi yini okumele yenziwe

v. 16 ngoba Nguye owenza iqhwa elikhithikile elihle kanye nongqoqwane oluhle

v. 17 ngoba isichotho sinjenge zimvuthu Kuye

v. 18 ngoba ilanga, umoya, namanzi kuyaMlalela

v. 19 ngoba Utshelile abantu ukuthi Ungubani kanye nokuthi Wenzani

v. 20 ngoba Usiphatha kangcono kunabaningi abanye

Ngakho, ngengalokhu IHubo liphetha, Dumisani USimakade!

Yazi ukuthi kungani udumisa uNkulunkulu, futhi uqinisekise ukuthi nabanye bayazi ukuthi kungani ukhonza iNkosi yakho konke.