Spiritual Warfare is common to All Christians

Yize noma indaba yokulwa nesono, izilingo, uSathane, namadimoni ingabukeka ithusa, kuyinto ekhuthazayo kahle kakhulu ukubona ukuthi impi kamoya yinto wonke Amakhrestu eminyaka yonke nezindawo zonke  ayilwile ngempumelelo.

Ngemuva kokubizela Amakhrestu kwintobeko futhi ewakhumbuza ngokusinakekela kukaNkulunkulu kukona konke ukukhathazeka kwethu, uMphostoli uPhethro nakhu akubhalayo ngempi kamoya.

Zithibeni, nilinde. Isitha senu, uSathane, siyahamba njengebhubesi elibhodlayo, sifuna esingamdwengula. Melanani naye niqinile ekukholweni, nazi ukuthi zona lezo zinhlupheko ziyabehlela nabazalwane benu abasemhlabeni.

1 ekaPhethro 5:8-9

USathane ukhona ngempela futhi ukuhlosile ngempela ukubhubhisa Amakhrestu. Sinomsebenzi njengaMakhrestu okumelana nay. Lokhu kuzodinga ukuma siqine ekukholweni kwethu. Kodwa singahlezi sazi, ukuthi uhlobo lwezimpi zikamoya esibhekana nazo, zibhekane nawowonke Amakhrestu emhlabeni wonke.

Ngokuba nje uMkhrestu sizidonsela amahlo alabo abazonda uKhristu. Kodwa uma sigcina ukucabanga kwethu kuhlekile ngalokho okushiwo uMbhalo, singadakwa yizindlela umphakathi obona ngayo impi kamoya, sizokwazi lapho ke ukumelana noSathane ngokuthi nje siqhubeka siqinile kukholo lolo olwasisindisa. Uma uNkulunkulu asikhipha embusweni wobumnyama wasibeka embusweni wokukhanya, ngokuyisiqiniseko Uzosigcina lapho. Empeleni, yilokho impela uPhethro asikhumbuza kona kumavesi alandelayo.

Kepha uNkulunkulu womusa wonke owanibizela enkazimulweni yakhe yaphakade ngoKhristu, emva kokuhlupheka isikhashana, Yena luqobo uyakunihlumelela, anisekele, aniqinise, animise nisimeme. Makube kuye amandla kuze kube phakade naphakade. Amen.

1 ekaPhethro 5:10-11

Amakhrestu awamelani noSathane ngoba enezibonakaliso ezimangalisayo, eneziphiwo eziwuhlonze, noma enobizo olusezingeni. Wonke Amakhrestu, emhlabeni wonke, akwazi ukumelana noSathane ngoba uNkulunkulu nguye ozowanakekela. Sizobhekana nezinhlupho ngenxa yamacebo kaSathane, kodwa sizoqiniswa simiswe nguNkulunkulu Qobolwakhe.  Ngakho-ke masingaphelelwa ngamandla, noma sixegise kwisinqumo sokuma siqinile kwiqiniso likaNKulunkulu nomsebenzi Wakhe kithina.