The weapons of spiritual warfare
Kwabase-Efesu 6:10-20 sithola imiyalelo enemininingwane yokulwa impi kamoya. Amanye amavesi emibhalweni anzima ukuwachaza ekuqaleni, kodwa uma uya emavesini akhuluma ngokucacileyo njengaleli, wonke lawa amanye amavesi avele abe sobala nawo.
Into eshiwoyo ukuthi “Imani niqine”, akushiwo ukuthi “khiphani noma bophani (uSathane)” kuvesi (10, 11, 13, 14a). Emva kwalokho kubalwa izikhali eziyisithupha. Kusetshenziswa umfanekiso wezikhali zamasosha, uma kususwa imifanekiso, izikhali zikamoya zivela obala.
Efesu 6:14a Iqiniso– Lawula konke okwenzayo ngeqiniso lakwamoya, kungabi ngamaphutha nokuzenzisa. Ungazihlanganisi nenkohliso, amanga kanye nomoya bamanga. Yima eqinisweni.
Efesu 6:14b Ukulunga-Ukulungela kwakho impi kamoya kubonakala ngokulunga kwakho. Uma uzikhathaza ngokulunga, ukuhlasela kukaSathane kuvimbeka njengalokhu isivikelo sesifuba sivimba ukuhlaselwa ngenxa nje yokuthi sigqokiwe.
Efesu 6:15 Ukulungela ivangeli– Zonke izilingo nezinhlupho kuyithuba lokuveza ivangeli ngokufuna ukuthula. Indlela enhle kakhulu yokuqala impi kamoya ukuthi “ake ngikutshele ngoJesu owafa ukuze kuthethelelwe izono zakho!”
Efesu 6:16 Ukukholwa– uma ukholwa nguNkulunkulu, ukholwa yilokhu ayikho, nokuthi uthini ngazo zonke izinto, angeke uze wehlulwe uma kuhlaselwa ukukholwa kwakho. Khumbula kodwa ukuthi lokhu akufani nokukholwa okuyize kumuntu nasemisebenzini yakhe, kodwa lokhu ukukholwa kuNkulunkulu.
Efesu 17a Insindiso– Uma ukukholwa kwakho kungukukholwa okusindisayo, akukho ukuhlaselwa okungaqeda ukukholwa kwakho. Insindiso iyona ekuvikelayo emandleni obumnyama akukhona ukuza “ezinkonzweni zokukhululwa” njalo ngeviki okukuvikelayo. Njengesivikelo sesifuba, ukufaka nje isigqoko sensindiso, uzobe usuyilungele impi kamoya.
Efesu 6:17b Umbhalo– Yazi imibhalo, kwazi nokuyisebenzisa ngokufanele nangokucophelela, awuzokwazi nje ukuma kuphela kodwa uzokwazi ukuphikisa. Amavesi eBhayibheli, hhayi ubuqili namaqhinga, iwona kuphela azokusiza ukuthi ukwazi ukuphendula emsebenzini kaSathane namademoni.
Zonke lezizikhali sizinikezwe nguNkulunkulu, akukho nasinye esivela kubantu. Lokhu kusho ukuthi ngisho kungabe umzalwane usemusha kangakanani, angakwazi ukumelana namandla obumnyama.