Give thanks

Kunomehluko ukubonga kanye nokuhambisa ukubonga. Omunye engasho ngomlomo athi “ngiyabonga” ebe engakuqondile. Kanjalo omunye engasho ukuthi “ngigcwele ukubonga” ebe ekuphika lokho lapho enqaba ukukuveza.

Ukubonga kweqiniso kuhlale kuziveza ngokubonga labo abalethe lokhu okubongwayo. Futhi kuyiqiniso ukuthi umkhuba wokunikeza ukubonga wenza ukuthi umuntu agcwaliswe ngokubonga.

Inkosi uDavide wayaziwa ngokwesaba uNkulunkulu ngoba wayekwazi ukuthatha isipho sokukholwa kweqiniso esingukubonga asenze into ebonakalayo. Uyisibonelo sokuthi kuhanjiswa kanjani ukubonga nokuthi kukhulwa kanjani ekubongeni.

Ngiyakumbonga uJehova ngayo yonke inhliziyo yami;

ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho.

 AmaHubo 9:1

“Nikeza ukubonga” iyona into aqala ngayo. Isho uthi “Ngiyabonga.”. Kulula kanjalo nje. Funda ukusho lamagama womabili njalo. Ikakhulukazi emikhulekweni yakho kuNkulunkulu.

Ukuze azivikele ekubeni ngumzenzisi, uDavide ufaka inhliziyo yakhe yonke kulokhu, uthi “ngenhliziyo yami yonke”, lapha uphendula ukunikeza kwakhe ukubonga akwenze umkhuba wokugcwala ukubonga.

Ngokuba ukunikeza ukubonga kuyaphela uma ungagcwalisiwe ngokubonga, uDavide waqala ukuba nohlu lwezinto azenzelwe nguNkulunkulu –“ngiyakulanda zonke izimangaliso zakho”.

Ukugcwala ukubonga akuyona into ezenzekalelayo kubantu ababi, abazi ukuthi bafanelwe, nezoni ezizibeka zona phambili. Kodwa abazalwane bangaphelelisa lesi similo sokugcwala ukubonga empilweni ngokuzijwayeza umkhuba wokuba nohlu lwezinto ezinhle uNkulunkulu akwenzele zona, ebese usho ukuthi uyabonga ngazo zonke lezozinto. Emva kwesikhashana nje lokhu masinyane kuphenduka umkhuba ongaxoshi kuphela ukungenami, nokuthanda ukugxeka nokukhononda, kodwa kuxosha ukukhathazeka nokuzibeka wena phambili.