Godliness Can Be Very Complex or Very Simple
Izimo zethu empilweni zidinga uhlobo olunhlukene lweziluleko. Kwesinye isikhathi okuyikona esikudingayo nje imiyalelo ethi “Kwenze lokhu!”noma “Kuyeke lokhu”, kwezinye izikhathi sidinga imiyalelo ehlelwe kahle ngononina ukuba sikwazi ukuphelelisa imisebenzi yethu yansuku zonke phambi kukaNkulunkulu. Lokhu kuyiqiniso nangokweluleka kukaNkulunkulu okubhekiswe kithina. Siyafundiswa eMbhalweni ngokuceba kwesimilo sikaNkulunkulu nokwendlela yokubhekana nathi. Siyasolwa ngokwendlela imizwa yethu okuyiyo eyimbangela yazozonke izenzo zethu. Sinikezwa imiyalo ngokuthi kungani kukhona ububi obungaka emhlabeni nokuthi singabhekana kanjani nabo. Siyakhuzwa ngokunikezelwa ngenqwaba yezibonelo ukuba sime singanyakaziswa kulokho okulungile. Siyalulekwa maqondana nalokho esidinga ukukushintsha nokuthi sikushintshe kanjani.
Kodwa futhi ngalesosikhathi, uNkulunkulu Unikezela ngohlu olusobala lwezinto esingazenza ukuze singakwazi ukuqhubeka sibengcwele yize impilo ithanda ukuba nzinyana. Lapho ubuthaka bethu bunamandla, yiloluhlu lwezinto zobungcwele olusigcina senza lokho okulungile lapho singenamandla okubhekana nokuxakaniseka okuza nezinkinga.
Ubulula bencwadi kwabase-Efesu 5:33-6:1 kugcina izinto zethu ezisemqoka zimi ngendlela lapho impilo yomndeni ibhekene nenqwaba yezinto. KwabaseFiliphi 4:8-9 uhlu lobunkulunkulu obusobala ngesikhathi lapho izigqinamba sikuphoqa ukuba ucabange kakhulu noma ziletha ukukhathazeka okukhulu. Kwabase-Galathiya 5:22-23 benza bubelula ubuxakaxaka bezinkinga eziphakathi kwabantu. Lapho kukhona uhlobo lwabantu abaniningi abahlukene okumele ubhekane nabo, uhlu olufushane olukwincwadi 1 kwabaseThesalonika 5:14 luyasiza ukuchaza indlela elungile yokubhekana nomunye nomunye wabo. Bese kuhlezi kukhona uhlu olubanzi lwezinto ezintathu ku 1 kwabaseThesalonika 5:16-18 okubukeka engathi lwaluhlezi lusebenza kuzona zonke izimo uMphostoli uPawuli ayezithola engaphansi kwazo yena qobolwakhe. Bese kuthi maqondana nokuphathelene nokuphila kahle kwakho kukamoya, alukho uhlu olufushane ngokwamazwi futhi olubanzi ekukhuthazeni njengeZenzo 2:42.
Ukukuhlanganisa konke ndawonye, kungahamba kanje:
Lapho konke empilweni kuthanda ukuba nzinyana,
Qhubeka ufunde iBhayibheli futhi uthandaze.
Hamba uyohlanganyela nabazalwane, bese uyathokoza eNkosini,
Qinisekisa ukuthi oshade naye uyathandwa,
Nabantwana bakho nabo.
Yiba mnene kulokho okushoyo,
Bese uyabekezela nsuku zonke.
–Ibhalwe nguMkhrestu ongaziwa