I need a good friend and you need me to be a good friend

Ngokusobala singabantu abazicabangela bona kakhulu ( Izaga 18:1), abanokuqonda okulinganisekile kakhulu, futhi abayiziwula kakhulu ( Izaga 12:15) ukucabanga ukuthi singaqhubeka nempilo ngaphandle kwemibono ebalulekile evela kubangani abathile abalungile.

Ukuhlomula okokuqala okusobala ngokuba nabangani abalungile ukukhula ngokukamoya. Njengalokhu umzimba wakho wenyama awukhuli lapho amanye amalungu awo egula, kodwa umzimba wakho wenyama ukhula ngokuchumile lapho amalungu ngalinye esebenza, kanjalo sikhula kuphela ngokukamoya lapho siyingxenye yebandla eliphilile lapho uMkhrestu ngamunye enza izinto aMakhrestu alungile azenzayo. Uma ufuna ukuvuthwa njengomuntu, uzondinga inqwaba yabangani abangaMakhrestu abafezekisa indima yabo empilweni yakho.

Kepha sithi sibambelele eqinisweni ngothando, sikhule ngakho konke kuKhristu, oyinhloko, 16 okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo, ngokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, ukuba kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.

Kwabase-Efesu 4:15-16

Okunye ukuhlomula okusobala bokuba nalowo mngani ozohamba eceleni kwakho lapho kudingekile ukuphepha ngokukamoya. Asivamile ukucabanga ngemiphumela yezindlela zethu, kodwa eziningi izindlela zethu ziholelana enkingeni uma siqhubeka kuzona. Sidinga lowo mngani ozokhuluma lapho sihamba endleleni yethu esithokozisayo ebheke eweni. Sisizana ukungangeni kwizono ezibucayi ngokusizana ngezono zamanje.

Bazalwane bami, uma omunye wenu ephambuka eqinisweni, omunye ambuyise; 20 yazini ukuthi lowo obuyise isoni ekudukeni kwaso endleleni uyakusindisa umphefumulo wakhe ekufeni, asibekele izono eziningi.

EkaJakobe 5:19-20

ngokusezingeni lempilo yaemhlabeni, okunye ukuhlomula okusobala bokuma nabangane abalungile ukuthola ukuqapheliswa ngempilo. Labo abalalela abangani babo abalungile abagcini benemiphumela yezinqumo eziwubuwula. Kumele sihlakule ubungani nalabo abanobuhlakani ukuze nathi sizoba njengabo.

Ubuphofu nehlazo kukulowo owenqaba ukuyalwa,kepha oqaphela ukusolwa uyatuswa.Ohamba nabahlakaniphileyo uyakuhlakanipha,kepha ongumngani weziwula uyolimala.

Izaga 13:18,20

kodwa mhlawumbe ukuhlomula okukhulu kakhulu bokuba nabangani abaningi abalungile ukuthi kuyindlela elula yokuphetha impilo yakho ungenakho ukuzisola. Awulalele nje isivumo somuntu owaqhubekela kweyakhe indlela emelene nokululekwa konke:

Uyobubula ekugcineni,lapho umzimba wakho nenyama yakho sekuphela,uthi: “Yeka ukuzonda kwami ukuyalwa,nokwedelela kwenhliziyo yami ukusolwa! Angililalelanga izwi labafundisi bami; angibekanga indlebe yami kubo ababengifundisa.

Izaga 5:11-13

Isithembiso sobungani:

Ngiyakudinga ukuba ubeyilowomngani olungile ozongisiza ngikhule ngokukamoya, ukuphephise kwisono, ungiqaphelise empilweni, futhi ungiphephise ekumosheni impilo yami.

Nami ngiyazibophezela ekubeni yilowo mngani kuwe, ngikubonise ngeBhayibheli, ngikusize ubone izenzo zakho eziyisijwayezi eziyisono, ngikunike izeluleko lapho uzidinga, futhi ngikusize ukuba uphile impilo enganakho ukuzisola.