What is a Christian “Disciple”?
Ukuba umfundi enye yezindlela ezisobala esetshenzisiwe ukuchaza abalandeli basendulo bakaKhristu. Kungenzeka singalisebenzisi kangako namhlanje, kodwa lisayincazelo enhle yokuthi kuchaza ukuthini ukulandela uJesu.
Njengalokhu igama elithi umfundi empeleni linencazelo yezenkolo noma yefilosofi ( indlela yokubuka ukwenzaka kwezinto empilweni bese uthola incazelo) kwindlela elisetshenziswa ngayo olimini lwesiZulu, izincazelo ezitholakala kwizichazi magama ziqondile.
Umlandeli; umfundi
https://archive.org/details/scholarszuludict0000dent/page/n9/mode/2up?view=theater&q=disciple [ isetshenziswe ngomhlaka 4 November 2024]
Umfundi
[ isetshenziswe ngomhlaka 4 November 2024]
Mhlawumbe indlela edume kakhulu yokusethsenziswa kwegama elithi umfundi ( disciple) yilendlela ekhombisa isenzo esetshenzisiwe kwiSiyalezo Esikhulu lapho abafundi bokuqala bakaJesu bayelelwa ukuba benze izizwe zonke abafundi. KuMathewu 28:19-20 amagama asho isenzo athi “nenze izizwe zonke abafundi” ngesiGrikhi yigama elithi αθητεύω, noma, uma lifaka izinhlamvu zesiNgisi lithi, mathēteúō.
Igama elithi Mathēteúō lisho uhlobo lwekhethelo lokufunda komunye. Uma ngingaqala ngifundise ngemibono yezepolitiki emgaqweni, kungenzeka ngizuze abafundi abambalwa, kodwa baqala ukubizwa ngabafundi bami uma bengivalela ekhoneni ngemuva kwalokho bese ngokuhlanganyela siqale iqembu lezepolitiki elisuselwa kwimibono ebengiyifundisa yezepolitiki. Leyondlela yokuzimisela ukufunda, ukukholelwa, ukulandela, nokuzihlakanganisa yiyona eyenza igama u- mathēteúō igama elikhethekile kwiSiyalezo Esikhulu seNkosi yethu uJesu.
Ukwenziwa umfundi kaJesu Khristu akusikhona ukuhlala kwiSikole sangeSonto. Ukwenziwa umfundi kaJesu Khristu ukuba ukuzwa kwakho iZwi likaNkulunkulu kuphendulwe kwenziwe kube ukukholwa ( Roma 10:17). Ukwenziwa umfundi kaJesuKhristu kungukumubiza Yena ngeNkosi nokwenza lokho Yena akufundisayo ( ngokukaLukha 6:46-49). Ukwenziwa umfundi kaJesu Khristu ukuba imbewu itshalwe enhlizweni yakho bese ikhiqiza izithelo ( Lukha 8:9-15).
Amakhrestu akusibona nje abafundi abafunda izinto. Amakhrestu abafundi bekhethelo bomuntu othile. Ukuba nguMkhrestu ukufunda iqiniso likaJesu Khristu, ukukholwa iqiniso likaJesu Khristu, bese uthobela iqiniso likaJesu Khristu.