Ukusabalalisa izindaba ezithusayo ezingasekelekile- inkulumo wonke umkhrestu okumele ayiqonde

Fear mongering- a word every christian need to understand

Uzwa ifoni yakho ikhala uthi uma ubheka kunomyalezo ongenayo. Uwufunde umyalezo okuxwayisa ngesimo esingase senzeke esisabisayo. Lomyalezo uvela kumngani olungile, umyalezo uqukuthe okubalulekile impela, bese uyabona ukuthi nabaningi onabo kuma-contacts akho kumele bekwazile lokhu. Ngakho-ke masinyane kwi-app ukhetha i-option yokudlulisela phambili umyalezo, ubathole bonke abangani bakho obakhonzile abadinga ukwazi, bese wenze umsebenzi wakho wokuphilisana kahle nabantu ngokuthi ubaxwayise ngezinto ezimbi ezenzakalayo okumele bazicabangisise baqondana nokuphepha kwabo. Siyakubongela, izinhloso zakho ezinhle kungenzeka sezikwenze umuntu osabalalisa izindaba ezithusayo ezingasekelekile!

Awuzibuze, ngakube ungumuntu osabalalisayo uma sekuziwa ngasekudluliseni imiyalezo? Kuwumsebenzi o-trendayo othatha isikhashana izikhawu ezimbalwa ngosuku. Umsebenzi okunzima ukuyekeka obambelele ngqi kwimizwa yakho, nakukwesaba onakho, kanye nakukho ukushisekela kwakho ukwazisa umhlaba wonke. Kuwumsebenzi, kodwa-ke, Amakhrestu okungamelanga aziwe ngawo.

Leli yiqiniso elidabukisayo lokuphila emhlabeni lapho kungesiwo wonke umyalezo owuthola kubangani abalungile osuselwe kwizinhloso ezinhle. Yinqwaba yabantu kulomhlaba ababhala amanga ukuze basabalalise ukwesaba isidingo singekho. Yinqwaba yezinhloso ezingukona ezigqugquzela abantu ukusabalalisa izinto ezishayisa novalo ukuthola inzuzo. Labo, abangenakho ukuzibophezela kwiqiniso ngothando ( Efesu 4:15), bayaqhakaza uma kuziwa ngasekubeni nemibono nokuzonda, ngasekubeni namahebezi nokwesaba, ngasekubeni namacebo angalungile nasekuthandeni izinto kakhulukazi uthando lwemali eningi. Bayimithombo yemiyalezo ebhebhethekisa ukuthuka okungenasidingo futhi bancike kukho ukwesaba okufakwa yimiyalezo eyenzelwe ukudunga ukuzibophezela kwiqiniso kwizinkumbi zabantu abazobe bedlulisela phambili imiyalezo kungathi yimiyalezo yensindiso.

Yini ekumele thina njengaMakhrestu siyenze ngemiyalezo efuze lena?

Ngaphansi kwesimo esihlukile kakhulu, kodwa nomakunjalo esinesifundo esijulile, uSIMAKADE waxwayisa umphrofethi u-Izaya ukuba angahambi “.. ngendlela yalaba bantu”, wathi

Ningakubizi ngokuthi wuzungu konke lokhu laba bantu abathi wuzungu.

Ningakwesabi abakusabayo; ningabi naluvalo ngakho.

Usimakade wamabandla, mungcweliseni, nimesabe, kube nguye kuphela eninovalo ngaye.

U-Izaya 8:12-13

Kunemigomo eyidlanzana kulesixwayiso okungathi, uma ingalandelwa, izosivikela ekubambeni iqhaza singahlosile uma kuziwa ekusabalaliseni izindaba ezithusayo okungenzeka zingabi yiqiniso.

1) Ungahambi “ ngendlela yalaba bantu”. Ngamanye amazwi, ungavele nje wenze lokho abaningi abakwenzayo ungacabangisisanga. Ungasheshi kakhulu ukukholwa yonke into oyifundayo ngoba nje kunomuntu othile ongamazi othathe isinqumo sokuyibhala. Ungaveli udlulisele phambili yonke into oyitholayo ungacabangisisanga.

2) Unga “ …kubizi ngokuthi wuzungu konke lokhu laba bantu abathi wuzungu”. Ngoba kuwukuthi nje umuntu unento ethile engqondweni yakhe akuyenzi iqiniso. Ngoba nje iyakholakala akuchazi ukuthi yikholwe.

3) “ Ningakwesabi abakusabayo”. Makube yiqiniso, hhayi ukwesaba, okuyilona elinqumayo ukuba uwukholwe umyalezo. Makube yiqiniso, hhayi ukwesaba, elinqumayo ukuthi uwudlulisele phambili umyalezo. Asisibo abantu abasabalalisa ngokuhlosile ukwesaba okungenasidingo, kodwa singabasabalalisi beqiniso. Qinisekisa umyalezo, uma ingekho indlela yokuwuqinisekisa (njengokuthi, i-stamp esinedate, iletter head esemthethweni, yilink yemithombo eqinisekisiwe, i-hoax-ology check nokunye), lapho-ke ungawudluliseli phambili, kakhulukazi nanoma yini okushoyo lowo myalezo ungakusabi.

4) “U-SIMAKADE Wamabandla, mungcweliseni”. U-Nkulunkulu unguNkulunkulu Wamabandla angaphansi kokulawula Kwakhe, ngakho ungawusabi umyalezo owodwa ‘ongenzeka ube yiqiniso kodwa mhlawumbe futhi ongesilona’. Sihlonipha uSIMAKADE ngokusabalalisa iqiniso, kubantu bebonke, nakulabo abasaba lonke uzungu baze badlulisela kithina imiyalezo efaka ukwesaba.

Okokugcina 5), Uma uzohlala wesaba, hlala ngokwesaba uSIMAKADE. Uzoziphindiselela kulowo oqale lowomyalezo osabalalisa ukwesaba isidingo singekho. Uzonika “amabandla” angaphansi kokubusa Kwakhe umsebenzi wokuba alawule zonke izinto zasemhlabeni ezisabisayo bese ekhusela abangcwele Bakhe. Ungakusabi lokho abantu abakusabayo; yesaba uNkulunkulu. Ungalikholwa itulo elisungulwe ngabantu, kholwa uNkulunkulu. Ungavumeli uthando lwakho nokuzwelana onakho koBukhrestu ukuba kusetshenziselwe ukwesantshiswa namanga.

Kubhubhane lokwesatshiswa, lapho okuningi kuyiqiniso, nokuningi kuwukusabalalisa ukwesaba okungenasidingo, sinomsebenzi woBukhrestu wokungahambi ngezindlela zoquqaba. Uma kukhona into ekwenza ukuthi usabe kodwa ungenaso isiqiniseko sokuthi iyiqiniso noma cha, phosa izinkathazo zakho zonke kuNkulunkulu ngomkhuleko ( 1 ekaPhethro 5:7), qinisekisa umyalezo ngokusemandleni akho, bese ukhuluma (noma udlulisele phambili) kuphela lokho okuyiqiniso futhi okuthandekayo (Kholose 3:9; Efesu 4:15).

Themba uNkulunkulu ozwi Lakhe liyiqiniso.

Mhla ngesabayo ngiyokwethembela kuwe.

KuNkulunkulu engidumisa izwi lakhe,

kuNkulunkulu ngibeka ithemba lami, angiyukwesaba;

umuntu angangenzani na?

Amahubo 56:3-4

Nansi incazelo yesiNgisi yomuntu odlulisa izindaba ezingathandeki noma ezingasekelekile

What is a monger?

A person promoting something undesirable or discreditable. (https://www.thefreedictionary.com/mongering)

a person who attempts to stir up or spread something that is usually petty or discreditable (https://www.merriam-webster.com/dictionary/monger)

In our current time of a world-impacting pandemic, we can nuance monger to be a little more specific. Do you participate in fear-mongering, or it’s synonym, scaremongering? What is that you ask?

Definition of fear-mongering:

The action of deliberately arousing public fear or alarm about a particular issue. (https://www.lexico.com/definition/fearmongering)

the spreading of frightening and exaggerated rumours of an impending danger to purposely arouse fear in order to manipulate the public (https://en.wikipedia.org/wiki/Fearmongering)

Scroll to Top