Marriage: Specialised Friendship

Lelizwe likufundisa ukuthi uzinake wena, bheka lokhu okuwu namba #1– thatha ama-selfie akwenza ubukeke kahle, ukhethe abangani abakwenza ujabule, ushayele izimoto ezikwenza uzizwe uphumelele—lendlela eyalelizwe

Kodwa umshado wenzelwa ukwenza ubungani bube obekhethelo. Umshado uhlelelwe ukunqoba ukuzinaka wena wedwa kokuzifunela izinto ezibeka wena phambili, ukuzazi wena, ukuzicabangela wena wedwa, futhi uhlelelwe nokukhombisa ibanga esikwazi ukulihamba ukukwazi ukuzibeka emuva ukuze sizothanda omunye. Njenganalokhu izibopho zomshado ezidumile ziqinisekisa, umshado ubungani basezikhathini zokuceba nezobumpofu, zokugula nezokuphila. Umshado awukho ngami, kodwa ungathi.

Incwadi uDutheronomi 24:5 uyala indoda ukuba ithokozise umkayo. Ngokuqondile kanjalo nje ikube ikugcizelele lapho ikusho lokho ukuthi umuntu wesilisa osanda kuthatha umfazi kumele “ athokozise umkakhe amthathileyo.” ‘

Incwadi Umshumayeli 9:9 ithi thokozela impilo, hhayi ngokunaka izinto ezidingwa nguwe, kodwa ngokuba unake lowo oshadelwe naye.

Incwadi kaPhethro 3:7 iyala amadoda ukuba ahlale nabafazi bawo ngendlela enokucabangisisa nokuqonda.

Incwadi kaPhethro 3:1-2 igqugquzela abafazi ukuzuza abayeni bawo ngendlela yokuziphatha enobunkulunkulu.

Izaga 31 zikhombisa ukuthi umfazi wenza kanjani ukufuna lokho okuhle okuqondene nomndeni wakhe, nokuthi umyeni umphakamisa amtuse kanjani umfazi wakhe.

Uma ufuna injongo kaNkulunkulu ngomshado wakho, into okumele uyenze faka amandla ekwakheni ubungani nalowo oshade naye ngaphezulu kokuba ukuzikhandla ekwakheni olunye uhlobo lobudlelwano. Akusesiyena umuntu oyedwa, kodwa ababili, hhayi abathatha, noma abane, hhayi ababili besekubalwa nabangani bakho abayishumi noma amalunga omndeni wakho, kodwa kuphela nje indoda nomfazi besebenza ngokuzikhandla kubangani babo. Umshado wakhelwe ukwenza ubungani bekhethelo.

Umshado uhlelelwe ukunqoba ukuzinaka wena wedwa kokuzifunela izinto ezibeka wena phambili, ukuzazi wena, ukuzicabangela wena wedwa, futhi uhlelelwe nokukhombisa ibanga esikwazi ukulihamba ukukwazi ukuzibeka emuva ukuze sizothanda omunye.