Jesus is Compassionate

Kuqhathaniswa nabaholi bakamoya bamanga besikhathi sikaJesu, ingasaphathwa eyabaholi bakamoya bamanga besikhathi sethu, uJesu unozwela.

UJesu wayeke abuke isixuku sabantu, bese ebazwela kakhulu ngenxa yokthi ebona inkinga yabo abanayo ngokukamoya (Mathewu 20:34). kwesinye isikhathi kwakuba ukuhlushwa ngokwenyama okubonakalayo nakwisixuku okwakumenza uJesu abakhombise uzwela (Mathewu 14:14). Kwindawo ethi mayifana ngokuhamba kwesikhathi, uzwela lukaJesu lwabonakala ekuboneni Kwakhe into ejwayelekile njengokulamba esiswini (Mathewu 15:32).

UJesu wayeke futhi abuke amaqoqwana amancanyana abantu, kwesinye isikhathi alinganiselwa kubantu ababili (Mathewu 20:34), noma kube umuntu oyedwa (Lukha 7:12-15), bese eyakubona ngokuzwelana nabo okukhulu.

Ubukhrestu bugqame ngoJesu onendaba ngomonakalo owenziwa yisono ezimpilweni zethu. Unendaba ngendlela enozwela olukhulu, bese enza ngendlela efanelekile ukusisindisa ezonweni zethu, nangendlela yokuthi ngelinye ilanga asuse lokho okukhulu kakhulu ngisho nalokho okujwayelekile okungubuhlungu benyama, nangendlela yokuthi abhekane nathi ngokusisiza konke lokhu ekwenza ngokozwela olukhulu.