Seek Understanding
Kwinnkulumo lapho kuphikisanwa khona, umehluko phakathi kwenkulumo ehamba kahle nokulwa, ngokuvamile uba sekutheni labo abayingxenye yayo ngokwezinga lokucabanga basuka kanjani phakathi “kolwazi” no “kuqonda”.
Umuntu ohlakaniphile uzohlezi ebeka ukuqonda ngaphambi kolwazi, ebuka ukuqonda njengokhiye wokufinyelela olwazini. Akacabangi nje kuphela ngalokho aswekwazi vele nasekuqonda, kodwa ngengxoxo ecabangisisiwe uzofinyelela ekuqondeni omunye umuntu bese athole ulwazi lona omunye umuntu analo. Ngaleyondlela, umuntu ohlakaniphile uphetha ingxoxo esenolwazi olungolwakhe kanye nolwazi lwalowo abexoxa naye. Ngokubona ukuthi ulwazi lwakhe aluphelele, uzofuna ukuqonda lona omunye umuntu bese kanjalo esengeza ulwazi aluthole kulona omunye kolwakhe.
Inhliziyo yoqondileyo iyafuna ukwazi,
kepha umlomo weziwula uyadla ubuwula.
Izaga15:14
Isiwula, sizobeka ulwazi ngaphambi kokuqonda. Hhayi ukuqonda isimo, kodwa ulwazi lwaso. Asikwazi ukucabanga olunye ulwazi lwesimo ngaphandle kolwaso, okulandela lapho asifuni ukuqonda. Asinandaba ngalokho okungazeka, ngoba sifuna kuphela lokho osekuvele kwaziwa yisona. Asinandaba nokuqonda omunye umuntu, kodwa siphikelela ekutheni abanye baqonde sona.
Umehluko uyamangaza ngempela kwingxoxo phakathi kwalowo ohlakaniphile kwizaga noyisiwula kwizaga. Ingxoxo ingaqala ngezindlela eziningi ezahlukene, kodwa indlela eqhubeka ngayo masinyane iyaliveza izinga elikhona lokuhlakanipha nelobuwula. Ohlakaniphile ukhuluma ngangokolwazi lwakhe, kodwa futhi abone uma omunye esho into ephikisana noma evumalana nolwazi lwakhe. Ohlakaniphile uzofuna ukuqonda okushiwo abanye, ngisho kungathiwa bekuyimpendulo ewubulima. Ohlakaniphile uzobona uma inkulumo isishintsha ekubeni ngamaqiniso aziwayo isiya ekubeni nokuthile okuphikisa lawo maqiniso. Ohlakaniphile uyasigcina ekhanda isihloko okuqalwe ngaso, ebe esafuna ukuqonda eminye imibono abanye abangabanayo. Ngisho uma inkulumo ingashintsha ngokuphelele iye kwesinye isihloko, ohlakaniphile uzofuna ukwengeza ngolwazi lomunye kulolo yena analo. Ngisho noma ohlakaniphile angeke ayibuyisela inkulumo kuleyo obekuyiyo ekuqaleni, uzobe esazuzile ulwazi ngoba ubekade enenhloso ekufuneni ukuqonda esikhundleni sokulokhu ephosa eyakhe imibono.
Isiwula asinjalo. Sizozitshela ukuthi siyayiqonda inkulumo yomunye, bese siphosa eyaso imibono odabeni (Izaga 18:2). Esikhundleni sokuthola ulwazi lwabanye ngesihloko esithile abengazange alucabanga, sizoshintsha inkulumo ibe ngenye into ebesiyicabanga sona. Siyathanda kakhulu ukuphikisana ngaphezu kokuthanda ukuqonda (Izaga 20:3). Sizosebenzisa iphutha elincane enkulumweni ukuphikisa iqiniso eliningi enkulumweni. Sizophikisa yonke into ngokungavumelani nokuncane. Ngokuhluleka ukubekezela sizophazamisa omunye obesathi ubeka owakhe umbono (Izaga 18:13). Ngokuhluleka ukubekezela sizohlanganisa umbono ngaphambi kokuba sesiyizwile yonke inkulumo (Izaga 18:17).
Ebudlelwaneni onabo nabanye, kakhulukazi kwingxoxo oba nayo nomunye, funa ukuqonda. Lapho-ke uzozuza ulwazi. Lapho-ke uzothola injulo yenhliziyo yomunye ukuze ube ngongcono umngani, umzali noma umshadikazi.
Inhliziyo yoqondileyo iyazuza ukwazi,
nezindlebe zabalungileyo ziyafuna ukwazi.
Izaga18:15