VIP Witnesses to God

Iningi lethu alisoze lathiwa amaVIP (osaziwayo) ngokokukhuluma kwasezweni. Kunalokho siyawalandela kwizinkundla zokuxhumana, emabhukwini, nakwizinkundla lapho kuhletshwa khona. Yize noma uNkulunkulu ngokuvamile ekhatha laba abaphansi empilweni ukuba babe ngofakazi kubunjalo Bakhe nemisebenzi Yakhe (1 kwabaseKhorinte 1:26-28), Yena kwezinye izikhathi uzambulile ngendlela ecace bha kwamanye amaVIP. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, ngamunye walabantu ngokuhlukana kwabo basebenzisa idumela labo lokuba amaVIP ukwazisa ukuthi uSimakade uNkulunkulu impela nguye oyiVIP kwimikhakha yabo ngokuhlunkana.

UJobe, omunye wosomabhizinisi ababe nethonya kakhulu ngesikhathi sakhe wayesemaze isikhathi eside uNkulunkulu, kodwa ngesikhathi uNkulunkulu ezambula uqobolwakhe kuJobe, uJobe, usaziwayo, wafakaza ukuthi kuphela nguSIMAKADE empeleni ophumelelisa konke Yena akuhlosile.

UJobe wayesemphendula USImakade, wathi:“Ngiyazi ukuthi ungenza konke;

alinakuvinjwa icebo lakho.”

UJobe42:1-2

Inkosi uNebukadinesari, umbusi owayengusopolitiki wombuso wamandla wesikhathi sakhe wabuka yonke imibuso ayesyifake yaba yingxenye yombuso wakhe, kodwa nakhu akusho ngombuso kaNkulunkulu:

…Ngokuba ukubusa kwakhe kungukubusa okuphakade,nombuso wakhe ungowezizukulwane ngezizukulwane;bonke abakhe emhlabeni bashaywa ize; uyenza njengentando yakhe empini yasezulwini naphakathi kwabakhileyo emhlabeni;akakho ongavimbela isandla sakhe,noma athi kuye: “Wenzani na?”

UDaniyeli4:34-35

Inkosi uDariyu, wombuso wamandla owalandela okaNebukadinesari, wabona into efanayo ngombuso kaNkulunkulu.

… “unguNkulunkulu ophilayo,umi kuze kube phakade, nombuso wakhe yiwo ongayikuchithwa,nokubusa kwakhe kuyakuma kuze kube sekupheleni.

UDaniyeli6:26

Nangokunjalo, yize kwakungesikho ukukholwa kweqiniso, isikhondlakhondla saseGibhithe esinguFaro saqinisa ubulungiswa nokulunga kukaNkulunkulu ngesikhathi lapho uSIMAKADE ehlisela ukwahlulela phezu kwakhe nabantu bakhe.

UFaro wathuma wababiza oMose no-Aroni, wathi kubo: “Ngonile lesi sikhathi; USimakade ulungile, kepha mina nabantu bami sibabi.

UEksodusi9:27

Inkosi uRehobhowami namakhosi akhe akwaIsrayeli bavuma into efanayo ngesikhathi babethenjiswa ukwahlulelwa ngenxa yezono zabo.

Zase zizithoba izikhulu zakwa-Israyeli nenkosi, bathi: “USimakade ulungile.”

2 Izikhronike12:6

Bonke laba, futhi akusibona bonakuphela, babengosaziwayo kwimikhakha yabo, futhi bonke bavuma ukuthi uma sekuziwa ngakuSaziwayo wangempela kwimikhakha bona ababengocwepheshe kuyo, uSIMAKADE uyakwazi konke, futhi konke lokho Akwenzayo kulungile, futhi akekho ongaphikisana Naye.