Christianese: Trinity (Under 100 words)
Umbhalo ufundisa ukuthi munye kuphela uNkulunkulu weqiniso nokuthi loNkulunkulu munye—UNkulunkulu akanazo izimo ezihlukahlukene zokubukeka noma zonkulunkulu (IDutheronomi 6:4)
Kodwa , UNkulunkulu akekho ngayedwana kodwa munye ngokomqondo wobuningi. Kusukela emaphakadeni uNkulunkulu ekhona eziqu zintathu, amagama azo, UNkulunkulu uBaba (Mathewu 6:9), UNkulunkulu Indodana ( uJesu Khristu)(Kholose 2:9), bese kuba uNkulunkulu uMoya Oyingcwele ( 2 kwabaseKhorinte 3:3) (Mathewu 28:19).
Yize noma ngasinye seziqu zoButhathu bukaNkulunkulu singuNkulunkulu ngokuphelele ngokoqobo nangokobunjalo—ngakho ngaleyondlela ngokulinganayo zifanelwe wukukhonzwa nokuthotshelwa—ngasinye isiqu sidlala eyaso indima kubudlelwano bobuNkulunkulu nakubudlelwano ezibubhekise kwindalo yazo (Kholose 1:19-20,2 Khorinte 2:11; 1 ekaPhethro 1:2).