Daily Godliness- Meditate on God’s Word
NjengaMakhrestu siyakulangazelela ukuba sibe ngcwele, kodwa ukuba ngcwele kungumsebenzi onzima. Siyabonga nokho ukuthi Imibhalo igcwele amavesi “ansukuzonke”
Mhlawumbe ayikho indlela yokuqala engcono, kunokuqala ngalamavesi amathathu alandelayo nomsebenzi wobungcwele bansuku zonke anakho ngokufanayo.
Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili. ‘
UJoshuwa 1:8
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeseluleko sababi,ongemi endleleni yezoni, ongabi mdibi munye nabaklolodayo, kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku. Ufana nesihlahla esitshalwe ngasemifuleni yamanzi, esithela isithelo saso ngesikhathi esifaneleyo,esimaqabunga aso angabuni.Uyaphumelela kukho konke akwenzayo.
Ihubo1:1-3
Umthetho wakho ngiwuthanda kakhulu. Ngizindla ngawo usuku lonke.
Ihubo119:97
Kuyini ukudlinza okungokoMbhalo?
“Ukudlinza umsebenzi wokubuyekeza emqondweni,
nokucabangisisa ngophindelela, futhi uzinze, uzigxilise,
kwizinto ezahlukene lezo umuntu azaziyo
ezingemizebenzi nezindlela nezinhloso nezethembiso zikaNkulunkulu
Umsebenzi womcabango ongcwele, owenziwa ngenhloso
ebukhoneni bukaNkulunkulu, ngaphansi kweso likaNkulunkulu,
ngosizo lukaNkulunkulu, njengendlela yokuhlanganyela noNkulunkulu
Inhloso yalakho ukwenza kucace indlela umuntu abona ngayo uNKulunkulu ngokomqondo nangokukamoya
nokuvumela iqiniso lakhe ukuba lenze umsebenzi walo ngokugcwele nangendlela okuyiyo emqondweni nasenhlizweni yomuntu
Kuyindaba yokukhuluma wedwa ngoNkulunkulu ukhuluma noqobolwakho;
yinto, ngokujwayelekile yokuba nempikiswano noqobolwakho,
unikezela izincazelo kuqobolwakho uzikhipha kwizimo zokunngabaza nokungakholwa
uye ekuqondeni okucacile amandla nomusa kukaNkulunkulu”
(J.I. Packer, Knowing God-Ukwazi uNkulunkulu)
Ngokwamazwi kaJerry Bridges: “Shumayela Ivangeli kuqobolwakho nsukuzonke” (Jerry Bridges, Respectable Sins-Izono Ezihloniphekayo)
Ukuba ngcwele ngelinye ilanga, kuthatha ukuba wena ubungcwele namhlanje. Qala ngokudlinza okuhlosiwe eZwini likaNkulunkulu