Opportunists for good works

Njengalokhu isisho sisho “yakhela ngamaqubu enye”. Ngenxa yesiqalekiso sesono kulomhlaba, abaningi balahlekelwa abathandiweyo babo, yindlela yokungena kwemali ekhaya, kanye nokuba nokuthula. Kodwa futhi khona kunjalo, kuhlezi kukhona osomathuba abafuna ukuzuza ngokukhathazeka kwabanye ngezimo zempilo nezinhlupheko zabanye. Amakhrestu angosomathuma ngesikhathi sezinhlupheko, kodwa hhayi ngokwezindlela zobugovu zalelizwe. Amakhrestu asebenzisa izinhlupheko zabanye njengethuba lokwenza imisebenzi emihle.

Abantu bakithi mabakukhuthalele ukwenza imisebenzi emihle ukuba basize lapho kuswelekile, ukuze bangabi ngabangenazithelo.

kuThithu 3:14

Isikhuthazo sokuvala esasibhekiswe kwidlanzana laMakhrestu ayesabalele esiqhingini sifaneleke ngendlela ejulile nakwidlanzana laMakhrestu uNkulunkulu awasabalalise kuzozonke izinhlupheko zakulomhlaba.

Lithembekile leli lizwi (kushiwo uvesi 3:3-7)-: ngithanda ukuba ugcizelele impela ngalokhu, ukuze abakholwa nguNkulunkulu bakhuthalele ukwenza imisebenzi emihle. Phela lezo zinto zinhle, futhi zinosizo kubantu, 9 kodwa yigweme impikiswano ewubuwula, izindaba zolibo lokuzalana, imibango, nokuphikisana ngomthetho, ngokuba lokho akusizi, futhi kuyimbude. Mgweme umuntu odala ukwehlukana uma usumyale kanye nomakabili, wazi ukuthi lowo muntu uphambukile, uyona, futhi uzahlulela yena.

kuThithu 3:8-10

Kuyona incwadi kaThithu ngasekuqaleni kunikezelwe incazelo ethe ukunaba yokuthi Amakhrestu angenza kanjani okuningi okuhle ngesikhathi abanye besabalalisa inkohliso, ukusaba, nokunonga izindaba ngaphezu kokukhuluma iqiniso

Emhlabeni wokungakholwa, wesono nokusebenzisa abantu nezimo, yiba usomathuba weVangeli lokuthula kwaphakade bese uba usomathuba wemisebenzi emihle ezozuzisa abaningi.