Usizo lwezinhliziyo ezixakaniswe ezezimali

Help for money troubled hearts

Sonke kungenzeka sinokuzizwa njengalowo wakwiZaga olilayo ngenxa yokushaya indiva inkosazana yobuhlakani okuyimanje lokho sekuyazwela. Kusukela kuchwepheshe obhocobalisayo kuya kwizindlela zokuphatha imali ezahlukahlukene kungenzeka sonke sike samelana nokuthi sihlale phansi bese sihlela icebo lezezimali eliphusile. Ngaphandle uma abazali bakho bakufundisa ubuhlakani beBhayibheli ngemali nolwazi lokukwazi ukuhlela kahle ezezimali kungenzeka uphilela inyanga nenyanga, uyakwazi ukuphila, futhi kungconywana ngokwezezimali…..bese kuvela into thizeni ezophazamisa uhlelo lwakho ‘olujwayelekile’.

Kodwa ngaphambi kokuba singene ovalweni ngemali, yenza ibe yintsha ingqondo yakho ngenduduzo evela kuNkulunkulu okuNguye oqaphile phezu kwezindaba zonke zabantu (uJobe 34:20) futhi wazi isiphetho sakho konke ngaphambi kokuthi kuze kuqale (Izaya 46:10).

Kunendaba ekwincwadi yesi 2 Izikhronike 16 eyisisekelo esiqinile sethu thina esithanda uNkulunkulu. Inkosi uASa yenza izinqumo ezithile ezimbi ngokwezepolitiki, bese umprofethi uHanani wamkhumbuza indlela okwahamba kahle ngayo ngesikhathi uAsa ngesikhathi esidlulile wenza isinqumo esihlakaniphile sokuthemba USIMAKADE. Kuleyonkulumo, umprofethi uHanani wenze inkulumo enhle kakhulu ngokungenelela kukaSIMAKADE kwizinkinga zethu:

Amehlo kaSimakade abona emhlabeni wonke ukuqinisa labo abanhliziyo yabo iphelele kuye.

2 Izikhronike16:9

Kungenzeka ungakuzwa mhlawumbe okwamanje—ukuthi USIMAKADE uyalubona usizi lwakho nokuthi uyisisekelo sakho esiqinile– ake ngikwabele ubuhlakani uSIMAKADE asesinikezile bona, bese ngesikhathi uzinza kulokhu kuhlakanipha osebumbuliwe vele, ngithemba ukuthi uSIMAKADE uzoduduza inhliziyo yakho, akuvuselele, bese ehlala eduze nawe kwindlela yonke kuya phambili.

Okokuqala, yazi ukuthi ayikho into eyenzakalayo okwamanje kuwena entsha noma ethusayo. Yonke into eyenzakalayo manje, isike yenzeka emlandweni ngandlela thize ( Umshumayeli 1:9-10). Ngaphezu kwalokho, amakholwa aphila kulezozikhathi futhi akufakazela ukuthi ukukholwa kwethu kuNkulunkulu kuzohlezi kusenza sikwazi ukuphendula ngesibindi, ngobunkulunkulu, nangethemba. UAbela okholwayo wakwazi ukukholwa ngeqiniso ngemuva kokuba yisizukulwane sokuqala esazalelwa esenonweni (Hebheru 11:4).UNowa owakholwayo wathobeka ngokulalela kwisikhathi lapho kunenhlekelele yomhlaba wonke (Hebheru 11:7).UAbrahama okholwayo wathobeka ngokulalela ngesikhathi lapho indawo ayayeya kuyona ingakamcaceli kahle (Hebheru 11:8).USarah okholwayo wehlekelwa yinto ngokwabantu engekena kwenzeka (Hebheru 11:11). UAbrahama okholwayo wathobeka ngokulalela Izwi likaNkulunkulu ngisho kwakudingeka isibindi esixakile ukuthemba uNkulunkulu ngesiphetho (Hebheru 11:17-19). UMose okholwayo wakhetha uthobeka ngokulalela okunzima ngaphezu kwenjabulo elula (Hebheru 11:24-25).URahabi okholwayo wenza ngokungokwakhe isihle phakathi kokwesaba okwakusabalele kwidolobha (Hebheru 11:31).

Bese kuthi ivesi elilandelayo lithi, zikhona ziningi ezinye izibonelo okungakhulunywa ngazo (Hebheru 11:32), zamadoda nabesifazane ababekholwa kuNkulunkulu base bebekezelela izinhlobo zonke zezinto ngandlela thize ezingahlukile nezimo zethu esibhekene nazo manje. Izinkinga zakho zingaba zintsha kuwe, kodwa izinkinga esibhekene nazo sekuke kwabekwana nazo zibhekene nabanye abazalwane abajwayelekile nje abanoNkulunkulu okunguye lo wethu.

Ngiyathemba ngalowo mqondo osabalele sesingakwazi ukuthi siphakamise amakhanda ethu, bese sibona ukuthi kuyini uSIMAKADE asiphathele kona. Kungenzeka kudingeka senze iziguquko ezinkulu. Impela sizobe sikhuleka kakhudlwana kuNkulunkulu lapho sisazwela ukuthembela kwethu okungalungile kwizinto zakulomhlaba. Kodwa kukona konke sekuyikhathi sokubuka kabusha, zokuqiniseka okusha, iziguquko zempilo ezintsha, nemikhuba yokwenza izinto emisha. Ithemba lethu elizayo kulomhlaba alichazwa ngezinto zakulomhlaba, kodwa ngentokozo yokuhlakanipha, namandla okuzifukula qobolwethu ngokulunga ngazikhathi zonke.

Ndodana yami, yidla uju, ngokuba lumnandi, uju olusemakhekhebeni luyanambitheka emlonyeni. Yazi ukuthi kunjalo ukuhlakanipha emphefumulweni wakho, uma ukutholile, likhona ikusasa, nethemba lakho aliyukushabalala…..ngokuba noma olungileyo angawa kasikhombisa, uyobuye avuke, kepha izikhohlakali ziyowiswa ngokubi.

Izaga 24:12-14, 16

Kungcono ukushintshela kokungcono kwisimo sempilo esisahamba kahle, kodwa njenganalokhu sekuphoqelelwe phezu kwethu, akuke thina esikholelwa kuNkulunkulu SIMAKADE, singalokhu sikhubeka kusuka kwenye inkinga siya kwenye. Esikhundleni salokho, asisukume usuku nosuku noNkulunkulu engakithi, imiqondo yethu iguquliwe ngeZwi likaNkulunkulu, nezinhliziyo zethu zigcwele isibindi, sesinqumile ukuhamba kwizindlela zikaNkulunkulu ingxathi elilodwa ngesikhathi.

Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona. Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili. Ngiyakuyala manje: qina, ume isibindi; ungesabi, ungadikibali, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho unawe noma kuphi lapho uya khona.”

UJoshuwa1:7-9


Nansi incwajana enamathiphu angokweBhayibheli endlela ongenza ngayo ushintsho oluqondene ngqo nesimo sezezimali zakho. Yisebenzisi, cela usizo kuMzalwane osevuthiwe uma kuvela isidingo akulekelele, kwangathi uNkulunkulu angabusisa izinguquko ozenzayo.

Christians and money during a crisis – Download

Scroll to Top