Soft words; Harsh words; which words works best?
Impendulo ethambile iyaludambisa ulaka,
kodwa izwi elilimazayo libhebhezela intukuthelo.Izaga 15:1
Kwaze kwabayivesi esilidingayo kulomhlaba! Eqinisweni, ukube umhlaba ungalenza kahle lelivesi leBhayibheli, umhlaba wethu ungacishe ulunge ngokuphelele! Isahluko 3 sencwadi ekaJakobe iqinisekisa ukuthi uma singakwazi ukulawula amazwi, singakwazi ukulawula nezinye izinto futhi.
Amazwi azothile ngamazwi akhulunywa ngokulungiselela okucoshelelwe, ngenhloso yokwenza umongo wawo ube muhle kulowo olalele (Izaga 15:2a). Amazwi akanje, yize ekhulunywe ngobumnene nenhlonipha, anamandla okushintsha umqondo ngisho nakulabo abenampakamo abazaziyo (Izaga 25:15).
Kodwa amazwi alimazyo avusa ulaka. Amazwi alimazayo akusiwo amazwi alungiswe ngokuqaphelisisa, anjengamagagasi olwandle agubhayo obuwula (Izaga 15:2b. Amazwi akanjalo, yize ngokujwayelekile ekhulunywa ngokungacabangisisi, angamazwi anobuhlungu obugwazayo kulimaze labo ekumele bawezwe (Izaga 12:18).
Izaga 15:1 ahleleke njenganomlolozelo okuwenza kubelula ukuwagcina emqondweni. Isaga esikanje emqondweni wakho lizowaguqula amazwi olimi lwakho.