Izinkanuko zeZwe neNtando kaNkulunkulu

Wordly Desires and God’s Will

Elandela ukuhleleka kwencwadi yeZaga, uJohane usinika amazwi amafushane agcwele ubuhlakani bokuthi Amakhrestu ahluke kanjani kulelizwe. Njengezahluko eziningi kwincwadi yeZaga, kulamazwi kukhona iqoqo lamagama elihambisanayo kodwa elinomqondo ophikisanayo,okuyiwona asebenza ukunika lamazwi isisindo, asifundisa izifundo ezintathu.

Izwe liyadlula nenkanuko yalo.

Kepha owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.

1 KaJohane2:17

“Izwe”// “owenza”, “liyadlula” // “uhlala kuze kube phakade”, “nenkanuko yalo”// “intando kaNkulunkulu”, lamaqoqo amagama amathathu, akumusho wokuqala nowesibili, ayahambisana kulamazwi kodwa anika umqondo ophikisanayo,.

Iqoqo lokuqala elinomqondophikisa kuqhathaniswa abantu. Kukhona iningi elenza izinto ngendlela wonke umuntu lapha emhlabeni enza ngayo, bese kubakhona abantu abenza izinto ngendlela ehlukile kakhulu.

Iqoqo lesibili elinomqondophikisa kuqhathaniswa imiphumela. Omunye umphumela ungowesikhashana, ophelela ezeni. Omunye umphumela uyabekezela, uphelela kwingunaphakade.

Iqoqo lesithathu elinomqondophikisa kuqhathaniswa ukugxila. Ukugxila okunye kusezintweni ezithandekayo ezinika lelizwe umuzwa wenjabulo nokugculiseka. Okunye ukugxila kusekucabangisiseni izinhloso zikaNkulunkulu uQobolwakhe. Eqinisweni leliqoqo lesithathu lingahlukuna kabili: “inkanuko // “intando” ne “yalo” // “kaNkulunkulu”. Yimpindamshaye ibeka obala ukuthi izinkanuko aziyilutho kangakanani uma kuqhathaniswa nenjongo enenhloso, nokuthi izwe aliyilutho kanjani kuNkulunkulu.

Ihlanganiswe ngo “kepha”, lemisho emibili iqinisekisa ubunjalo bempilo obuhleke ngendlela eyisimanga. Ngakube uphakathi kwabaningi abazophelela ekudluleni empilweni ngoba baphila izimpilo ezigqugquzelwa yizinkanuko, noma uyilowo ozobekezela ingunaphakade ngoba uphile impilo ethobela ngokulalela uNkulunkulu? Lokho esikwenzayo lesisaga senza kubekhona lokho kuthukela ngalemiphumelo “liyadlula” // “kuze kube phakade”, kepha ngakho konke okunye lisenza sibone ukuthi ngokwemvelo sincike kakhulu kwingxenye embi yalamaqoqo aqhathanisiwe. Kungakho, kumavesi amabili, andulela lawa, uJohane esikhuthaza ethi “Ningalithandi izwe nezinto ezikulo”.

Intando kaNkulunkulu ngempilo yakho yambuliwe ngeZwi Lakhe. Yiba ngowenza Izwi Lakhe, lapho-ke uzobe wenza “intando kaNkulunkulu”. Bona izinkanuko zakho, khona uzozithobisa kwintando kaNkulunkulu. Zibophezele ekulandeleni imisebenzi yakho kamoya, ungabe usaphikelela ekutheni izinkanuko zakho zifezeke. Phila impilo eqhutshwa yiZwi, hhayi eqhutshwa yimpilo.

Scroll to Top