The End of the World vs Your End on this World
Ukuphela komhlaba isihloko okukhulunywa ngaso ngokuqhubekayo ezindabeni, ngokuvamile siphelezelwa yiziprofetho ezinongiwe bese sekuthiwa leziprofetho sezigcwalisekile. Uma ufuna isithombe esigoqa kahle ukuthi ukuphela komhlaba ngempela kuyobukeka kanjani, nasi isithombe esigoqiwe esisuselwa kwisifundo sikaJesu esichazwe kahle maqondana neZikhathi Zokugcina.
Lalela lentshumayelo ekuLukha (ingesiNgisi) 21:5-36 “Jesus Answers Questions about the End Times” or noma funda lamakhasi 14-15 in our “Doctrinal Statement“
Kodwa ukuphela komhlaba akusisona isihloko se-post yanamhlanje. Le-post ingokuqondisa ngenhloso yokubhekisela ukucabanga kwethu ngezinto ezihehayo eziphathelene nezikhathi zokuphela komhlaba ezikhulunywayo kulesisikhathi zezinkinga, ikubhekisele ekucabangeni okuphathelene nawe ngqo nokuphela kwesikhathi sakho emhlabeni.
Ngesikhathi uJesu ecelwa ukuba akhulume ngokufa ngendlela eyayingajwayelekile nokungahloniphi ubungcwele bokukholwa okwakwenziwa abanye basezweni lakubo, uJesu akvelanga wasuka wakhuluma ngeZikhathi Zokugcina wabe esekhombisa ukuthi ezinye zezincwadi zeziprofetho zithini ngento ecishe ayifane nale eyenzakalayo. Esikhundleni salokho, uJesu wasebenzisa lokhu ukubabhekisa ukuphela okungenakugwemeka komunye nomunye obuza Yena lemibuzo (Lukha 13:4-5).
Uma kwenzeka izigameko ezishukumisa umphakathi ngendlela enyantisa umzimba noma esheshayo lapho inqwaba yabantu ilahlekelwa yizimpilo zayo, akusisona iskhathi seziprofetho zesikhathi sokugcina, ukusaba noma ukulokhu uyicabanga lento. Kunalokho isikhathi sokubheka inhliziyo yakho ukuthi usukulungele kangakanani ukuhamba uma kufika usuku lwakho nomayinini. UJesu waqhubeka nendaba enesifundo esiqondile ebaxwayisa bonke ukuba baphenduke bathele izithilo ithuba lisekhona, ngoma ngomamasinyane isikhathi sizophela (Lukha 13:6-9).
Intshumayelo ongayilalela: Luke 12:49-13:9 “How to Escape Judgment Day“
Uma kukhona into izimbicongo ezanzekalayo manje lapho uhlala khona noma emhlabeni wonke ezisifundisa yona, zisifundisa ukuthi ukufa kufika ngezindlela ezithusayo nezingalindelekile. Kungakho uJesu wasebenzisa izingozi ‘ezincane’ ukubhekisa kumphefumulo nomphefumulo ophilayo bese abizele ekuphendukeni, nasekutheleni izithelo zokuphenduka, ngaphambi kokuba omunye nomunye wethu baphile usuku lwabo lokugcina kulomhlaba.
Esikhathini sezinkinga, cabanga uNkulunkulu (Umshumayeli 7:14). Bese, ubanesibindi sokuthi umhlaba ngeke uze uphele koze kufike isikhathi uNkulunkulu azowuphelisa ngaso, thina esikholwa Kuye singaqhubeka ekushisekeleni kwethu imisebenzi emihle kuze kufike isikhathi lapho ezosibizela ekhaya(Thithu 2:12-14).
