Enjoying the unpredictable
Incwadi yoMshumayela 3:1-22 iqukethe inkondlo engamavesi ayisishiyangalombili kanye nokuhluzwa ngokweZwi kwamaqiniso empilo angashintsha nomayinini ngokuphila kwalapha emhlabeni. Kunesikhathi sayo yonke into, ngakho ayikho into ehlala inkanjalo isikhathi eside.
Kukhona izifundiso ezijulile ezingokweZwi ngaleyondlela futhi ziyasebenza, eziphathelene nempilo yanamhlanje ezitholakala kulesisahluko.
Asiqale ngezifundo ezingokweZwi. UNkulunkulu Nguye omisa zonke izikhathi, kungabe yizikhathi ezidonsa isikhathi, noma nje yilesosikhathi somzuzu owodwa qhwaba okhonjwa wuthi lwewashi. Ngakho-ke, singaqiniseka ngesibindi ukuthi uNkulunkulu uyakwazi okulandelayo okuzokwenzeka. Lokho thina esikuthatha njengento esangashintsha noma yinini, kuyena yinto ezokwenzeka. Kodwa, njengokusho kwalesahluko, uNkulunkulu ngokuhlosile akasitsheli mina nawe ukuthi yini lokho vele osekuzokwenzeka. Alikho ikholwa, kancane kakhulu lowo ongakholwa, onamandla okwazi ikusasa, noma ngisho noshintsho olulandelayo oluzokwenzeka.
Wonke lawo amaqiniso ajulile angokweZwi. Umphumelelo walokho ofanelekile kithina esikholwa yilamaqiniso ukuthi ngokuthemba uNkulunkulu, akudingi ukuba sisabe ukushintsho okungenzeka lube khona ezimpilweni zethu. Singakwazi impela ukuphila impilo ebukeka ingenakho ukukhathazeka, khona sinakho ukuqaphela ngokuphelele izimpawu zoshintsho olukhathazayo lwalempilo. Ngaphandle kokuthatha izinto lula, singathokozela umuzuzu nomzuzu ngenxa yalokho okuhle ofike nakho, bese singakhathazeki ngokushintsho olungenzeka noma yinini lwezimo eziguquguqukayo zobubi nezenhlekelele. Ngokwangempela singayithokozela lempilo yasemhlabeni, ngaphandle kokuthi sigxilise izinhliziyo zethu kuyona. Kwisikhathi lapho sehlelwa okubi, siziphumulela ezandleni zikaNkulunkulu owengamele izinto zonke, bese kwisikhathi lapho samukela isibusiso, sisithokozela ngokubonga okukhulu.
Yonke into inesayo isikhathi, kodwa noma kunjalo, kusona sonke isikhathi wulwazi lwethu ngoNkulunkulu olusinikezela ukuziphatha kwethu nendlela esiphendula ngayo ezimweni umdlandla.
