Wembethe Intobeko

Clothed in Humility

Izingubo yiyona into esemqoka kakhulu ngokwenhloso yokwembathisa ubunqunu selokhu kwabakhona Ukuwa ngenxa yesono esifunda ngakho kuGenesisi 3, kodwa futhi izingubo zisho lukhulu ngomuntu. Ngezindlela eziningi ukugqoka kakhulu kuveza umuntu kunokuba kwemboza. Yize noma ungeke ube nesiqiniseko esiphelele ukuthi umuntu unjani ngezingubo azigqokile, kodwa kuyenza impela, ukufinyelelela kwesiphetho okuyiso ngomuntu ngokubheka izingubo zalowo muntu. Kungenzeka kuveze ukukwazi ukuziphatha ngokuhluzekile noma ukubiza, isizotha noma ukuqhutshwa yinkanuko, iso lokuhlela izinto ngokwe-art noma ukwenzela ukwembatha, nezinye izimilo ezihlukahlukene.

Lokho okuyiqiniso ngezembatho zangaphandle, kuyiqiniso futhi ngezimilo zokuziphatha komuntu. Obunye ubunjalo nezimilo zokuziphatha kumuntu kusobala futhi kuyaziveza ukuthi banjengezingubo abazigqokile, bedalula esidlangalaleni umyalezo ngobunjalo bengaphakathi labo. Uma abantu bekubuka, babona izembatho zakho bese behlawumbisela okuthize ngobunjalo bakho. Uma abantu beke babengengxoxo nawe, yimaphi amaqiniso kamoya abawabonayo kwingxoxo yakho nabo? Ukuthobeka okunjengokuka Khristu? Noma ukubuswa wumqondo onjengokwabatu wokuzicabanga wena kakhulu?

Incwadi 1 KaPhethro 5:5 ihlanganisa isithombe sokwembatha nesimilo sokuziphatha esisemqoka kakhulu: Intobeko. Intobeko kufanele imbelwe igxiliswe ezinhlizweni zethu, ngangokuthi ibonakale isobala njengezingubo kulabo esihlangana nabo nsukuzonke.

Umphumela wokuziphatha kakhulu ngokuthobeka, ungaba ukuhlalisana ngokuzwana okukhulu nabantu ( KwabaseRoma 12:16). Beka umqondo wakho kakhulu kwiNkazimulo kaNkulunkulu ngaphezu kwenkazimulo yakho, bese ukukhulekela ukuthi uNkulunkulu akubusise ngokuthula okuvela Kuye ( KwabaseRoma 15:5-7)

Scroll to Top