Iqiniso noThando, bese kuba Umvuzo ( 2 kaJohane)

Truth and Love, then Reward ( 2 John)

NjengaMakhrestu sinokuningi! Kuzona zonke izibusiso eziningi thina njengaMakhrestu esinazo, zimbili ezinobunjalo obuhle, ekufanele siziphakamise kakhulu ukudlula zonke ezinye. Esokuqala, sinothando, okwesibili, sineqiniso. Sithandana ngezindlela izwe elingeke lize laqala ngisho ukuziqonda (2 kaJohane 1:1), futhi sinolwazi lweQiniso elizohlala nathi ingunaphakade ( 2 kaJohane 1:2).

Sesizizwele “umusa, isihawu, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuJesu Khristu” ( 2 ekaJphane 1:3). Sesikhululiwe ebumnyameni bemibono yabantu ehlukahlukene nakwizinkulumo ezihlala ngokuguquka ukwenzela ukuba sihambe eQinisweni esilinikezelwe nguBaba wethu Osezulwini Qobolwakhe ( 2 kaJohane 1:4). Iqiniso nothando esilwamukele kuNkulunkulu kumele liqhakaze nasezimpilweni zethu. Simelwe ukukhombisa uthando lwemihla ngemihls komunye nomunye ngezindlela uNkulunkulu azidingile kithina njengalokhu Yena uqale wathi “thanda umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena” (2 kaJohane 1:5). Sidinga ukuba siqaphelisise imiyalelo esiyifundisiwe, ngoba abaningi bakholwa izinto ezingamanga ngoKhristu futhi badukisa abaningi ( 2 kaJohane 1:6-7).

Ngakho, “Ziqapheleni nina, ukuze ningalahlekelwa yilokho esikusebenzeleyo, kunalokho amukele umvuzo opheleleyo”. Iqiniso nothando esinakho kuvela kuNkulunkulu kuyicombo emangalisayo yesibusiso ekufanele sisiphathise okwezikhali zamantungwa ukuqinisekisa ukuthi asilwahlekelwa yiso.Kunomvuzo olindele bonke abahamba eqinisweni nasothandweni, ngakho ziqaphelisiseni nina qobolwenu. Izinkathazo zemihla ziyasilinga ukuba singalikholwa iqiniso ngoNkulunkulu, ngakho ziqaphelisiseni. Izono zabanye zisilinga ukuba sihlehle nyoba othandweni lwethu esinalo ngabanye, ngakho ziqapheleni. Izinhlelo zokuxhumana zisilinga ukuba singabaze iZwi likaNkulunkulu, ngakho ziqaphelisiseni. Izigameko zalokhu kuphila zisilinga ukuba sibemanqika ukukhombisa uthando komunye nomunye, ngakho ziqaphelisiseni. Kunomvuzo olindele bonke abahamba ngothando neqiniso, ngakho qinisekisa ukuthi uwina umvuzo ophelele! Kulula ukwazi ukuthi usahamba eqinisweni yini, zibuze nje ukuthi uzikholelwa kangakanani zonke izinto uJesu azifundisile ( 2 kaJohane 1:9).

Kulula futhi ukwazi ukuthi usahamba othandweni yini, zivivinye wena ngokuthola ukuthi ubani okuthakaselayo ukuchitha naye isikhathi sakho ( 2 kaJohane 1:1-12). Kukwinhlanganyelo nabangcwele lapho sizwa khona kunzima ukuthanda omunye, kodwa futhi lapho esikwazi khona ukukhombisa uthando lweqiniso. Inhlangenyelo nabangcwele yilapho futhi sisemathubeni amahle futhi lapho sikhunjuzwa khona ngeQiniso ngoNkulunkulu, ngalomhlaba, nangoqobolwethu.

Ngakho, masiziqaphelisiseni thina qobolwethu, kwindlela esicabanga ngayo ngeBandla nabanye abazalwane. Masiqhubeke othandweni lonke neqiniso esisivele sifake amandla amaningi kulona, lapho-ke siyozuza umvuzo ophelele!

Scroll to Top